Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 43

Isono SeNkosi UDavide

Isono SeNkosi UDavide

Lapho uSawule efa, uDavide waba yinkosi. Wayeneminyaka engu-30 ubudala. Ngemva kweminyaka eminingana eyinkosi, ngobunye ubusuku esophahleni lwesigodlo sakhe wabona owesifazane omuhle. UDavide wathola ukuthi igama lakhe uBhati-sheba nokuthi wayeshade nesosha elingu-Uriya. UDavide waletha uBhati-sheba esigodlweni sakhe. Walala naye futhi wakhulelwa. UDavide wazama ukufihla ayekwenzile. Watshela induna yakhe ukuthi ibeke u-Uriya ngaphambili empini bese behlehla emva kwakhe. Ngemva kokuba u-Uriya esebulewe empini, uDavide washada noBhati-sheba.

Nokho, uJehova wakubona konke okubi okwakwenzekile. Wayezokwenzenjani? UJehova wathumela umprofethi uNathani kuDavide. UNathani wathi: ‘Kwakunendoda ecebile eyayinezimvu eziningi, nendoda empofu eyayinemvu eyodwa eyayiyithanda kakhulu. Indoda ecebile yathatha imvu yendoda empofu.’ UDavide wathukuthela wathi: ‘Leso sicebi sifanelwe ukufa!’ UNathani wathi kuDavide: ‘Nguwe leso sicebi!’ Inhliziyo kaDavide yaba buhlungu, wavuma kuNathani wathi: ‘Ngonile kuJehova.’ Lesi sono salethela uDavide nomndeni wakhe izinkinga eziningi. UJehova wamjezisa uDavide, kodwa wamvumela ukuba aphile ngenxa yokuthi wayethembekile futhi ethobekile.

UDavide wayefuna ukwakhela uJehova ithempeli, kodwa uJehova wakhetha indodana kaDavide uSolomoni ukuba imakhele ithempeli. UDavide waqala ukulungisela uSolomoni izinto zokwakha ithempeli, wathi: ‘Ithempeli likaJehova kumelwe libe lihle. USolomoni usemncane, kodwa ngizomsiza ngokulungisa izinto.’ UDavide wanikela ngemali eningi emsebenzini wokwakha. Wathola nezisebenzi ezinamakhono. Waqoqa igolide nesiliva, wenza ukuba kulethwe imisedari evela eThire naseSidoni. Esezokufa, uDavide wanika uSolomoni amapulani okwakha ithempeli. Wathi: ‘UJehova wenze ukuba ngikubhalele lezi zinto. UJehova uzokusiza, ungesabi. Yiba nesibindi futhi usebenze.’

“Ofihla iziphambeko zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.”—IzAga 28:13