Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 50

UJehova Uvikela UJehoshafati

UJehova Uvikela UJehoshafati

UJehoshafati, inkosi yakwaJuda, wasusa wonke ama-altare kaBhali nezithixo ezweni. Wayefuna abantu bazi imithetho kaJehova. Ngakho wathuma izikhulu namaLevi ukuba bafundise abantu imithetho kaJehova.

Izizwe ezazakhelene noJuda zazesaba ukumhlasela ngoba zazazi ukuthi uJehova uyamvikela. Zaze zaletha ngisho nezipho eNkosini uJehoshafati. Kodwa abakwaMowabi, abakwa-Amoni nabasesifundeni saseSeyiri beza bahlasela uJuda. UJehoshafati wayazi ukuthi udinga usizo lukaJehova. Ngakho wabiza wonke amadoda, abesifazane nezingane ukuba beze eJerusalema. Wathandaza phambi kwabo wathi: ‘Jehova, ngeke sinqobe ngaphandle kwakho. Sicela usitshele ukuthi senzeni.’

UJehova wawuphendula umthandazo wathi: ‘Ningesabi. Ngizonisiza. Yimani ezindaweni zenu, ningenzi lutho, bese nibuka ukuthi ngizonisindisa kanjani.’ UJehova wabasindisa kanjani?

Ngakusasa ekuseni, uJehoshafati wakhetha abaculi wathi abamashe phambi kwebutho lempi. Bamasha besuka eJerusalema baya endaweni okwakuzolwiwa kuyo eThekhowa.

Njengoba abaculi bedumisa uJehova ngokukhamuluka okukhulu, uJehova wabalwela abantu bakhe. Wenza ukuba abakwa-Amoni nabakwaMowabi babulalane bodwa, akusindanga noyedwa kubo. Kodwa uJehova wabavikela abantu bakwaJuda, amasosha nabapristi. Bonke abantu emazweni ayebazungezile bezwa ngalokho uJehova ayekwenzile, babona ukuthi uJehova wayesabalwela abantu bakhe. UJehova ubasindisa kanjani abantu bakhe? Ngezindlela eziningi. Akadingi abantu ukuba bamsize ekwenzeni lokho.

“Ngeke kudingeke ukuba nina nilwe kule mpi. Yimani ezindaweni zenu ninganyakazi, nibone insindiso uJehova anenzela yona.”—2 IziKronike 20:17