Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 51

Iqhawe Nentombazanyana

Iqhawe Nentombazanyana

Ezweni laseSiriya, kwakukhona intombazanyana engumIsrayeli eyayikude kakhulu nekhaya layo. Yayithathwe ibutho laseSiriya kubazali bayo futhi manje yayiyincekukazi yenkosikazi yomphathi webutho obizwa ngokuthi uNahamani. Le ntombazanyana yayikhonza uJehova, ngisho noma abantu eyayihlala nabo babengamkhonzi.

UNahamani wayenesifo esibi sesikhumba futhi wayehlale ezwa ubuhlungu. Le ntombazanyana yayifuna ngempela ukumsiza. Yatshela inkosikazi kaNahamani: ‘Kukhona umuntu engimaziyo ongamsiza umyeni wakho abe ngcono. Kwa-Israyeli, kunomprofethi kaJehova okuthiwa u-Elisha. Angamelapha umyeni wakho.’

Inkosikazi kaNahamani yamtshela ukuthi intombazane itheni. UNahamani wayezimisele ukuzama noma yini, ngakho wahamba waya emzini ka-Elisha kwa-Israyeli. UNahamani wayelindele ukuba u-Elisha amphathe njengomuntu obalulekile. Kodwa kunokuba aphume ayobona uNahamani, u-Elisha wathumela inceku yakhe ukuba iyombingelela futhi ithi kuye: ‘Hamba uyogeza kasikhombisa eMfuleni iJordani, ngemva kwalokho uzosinda.’

Kwamphoxa kakhulu lokho uNahamani. Wathi: ‘Bengicabanga ukuthi lo mprofethi uzongisindisa ngokubiza igama likaNkulunkulu wakhe bese engibeka izandla. Kunalokho, ungitshela ukuthi ngiye emfuleni wakwa-Israyeli. Thina sinemifula engcono kabi e-Siriya. Kungani ngingavele ngiyogeza kuyo?’ UNahamani wavele wacasuka futhi wahamba endlini ka-Elisha.

Izinceku zikaNahamani zamsiza ukuba ayicabangisise kahle le ndaba. Zathi kuye: ‘Angithi ungenza noma yini ukuze ulapheke? Ilula kabi lento lo mprofethi athi yenze. Kungani ungavele nje uyenze?’ UNahamani wazilalela. Wahamba waya eMfuleni iJordani wacwila emanzini izikhathi eziyisikhombisa. Ngemva kokucwila okwesikhombisa, uNahamani waphuma emanzini sesiphele nya isifo. Wayejabule kakhulu, ngakho wabuyela ku-Elisha wayombonga. UNahamani wathi: ‘Manje sengiyazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso.’ Ucabanga ukuthi intombazanyana yakwa-Israyeli yazizwa kanjani lapho uNahamani ebuya elaphekile?

“Emlonyeni wezingane nezinsana, ulethe indumiso.”—Mathewu 21:16