Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 52

Ibutho LikaJehova Lomlilo

Ibutho LikaJehova Lomlilo

UBeni-hadadi, inkosi yaseSiriya yayilokhu ihlasela abakwa-Israyeli. Kodwa umprofethi u-Elisha wayeyixwayisa njalo inkosi yakwa-Israyeli, ngakho yayikwazi ukusheshe ibaleke. Ngakho uBeni-hadadi wanquma ukuthumba u-Elisha. Wezwa ukuthi u-Elisha wayesedolobheni laseDothani wabe esethumela ibutho laseSiriya ukuba limbambe.

Ibutho laseSiriya lafika ebusuku eDothani. Ngakusasa ekuseni, inceku ka-Elisha yathi nje uma iphumela ngaphandle yabona ukuthi idolobha lalizungezwe yibutho elikhulu. Yesaba kakhulu yamemeza yathi: ‘Elisha, sizokwenzenjani?’ U-Elisha wathi: ‘Baningi abanathi kunabo.’ Ngaso leso sikhathi, uJehova wenza ukuba inceku ka-Elisha ibone ukuthi zonke izintaba ezazizungeze idolobha zazigcwele amahhashi nezinqola zempi zomlilo.

Lapho amasosha aseSiriya ezama ukumbamba, u-Elisha wathandaza: ‘Jehova, ngicela ubenze bangaboni.’ Ngokushesha nje, nakuba ayesabona, amasosha ayengasazi ukuthi akuphi. U-Elisha watshela amasosha: ‘Nidukile. Ngilandeleni, nginiyise kule ndoda eniyifunayo.’ Amlandela u-Elisha aze afika eSamariya, lapho kwakuhlala khona inkosi yakwa-Israyeli.

Amasosha aseSiriya abona sekwephuzile ukuthi ayekuphi. Inkosi yakwa-Israyeli yabuza u-Elisha: ‘Ngibabulale?’ Ingabe u-Elisha wasebenzisa leli thuba ukuze aziphindiselele kulaba bantu ababezama ukumlimaza? Cha. U-Elisha wathi: ‘Ungababulali. Banike ukudla bese uyabadedela bahambe.’ Ngakho inkosi yabenzela idili elikhulu yabe isibadedela bahamba.

“Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo evumelana nentando yakhe, uyasizwa.”—1 Johane 5:14