Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 53

Isibindi SikaJehoyada

Isibindi SikaJehoyada

UJezebeli wayenendodakazi ebizwa ngokuthi u-Athaliya, eyayikhohlakele njengaye. U-Athaliya wayeshade nenkosi yakwaJuda. Lapho umyeni wakhe eshona, kwabusa indodana yakhe. Kodwa lapho kushona indodana yakhe, u-Athaliya wazibeka yena waba umbusi wakwaJuda. Wabe esezama ukubulala lonke uzalo lwasebukhosini, ebulala noma ubani owayengabusa esikhundleni sakhe, ngisho nabazukulu bakhe imbala. Wonke umuntu wayemesaba.

UMpristi Ophakeme uJehoyada nomkakhe uJehosheba, babazi ukuthi u-Athaliya wenza into embi kakhulu. Babeka ukuphila kwabo engozini ngokufihla omunye wabazukulu baka-Athaliya, ingane ebizwa ngokuthi uJehowashi. Le ngane bayikhulisela ethempelini.

Lapho uJehowashi eseneminyaka engu-7, uJehoyada waqoqa zonke izinduna namaLevi, wathi kubo: ‘Gadani iminyango yethempeli futhi ningavumeli muntu ukuba angene.’ UJehoyada wabe esemgcoba uJehowashi ukuba abe inkosi yakwaJuda futhi wamthwesa umqhele ekhanda. Abantu bakwaJuda bamemeza: ‘Mana njalo nkosi!’

INdlovukazi u-Athaliya yezwa umsindo wesixuku, yabe isigijima iya ethempelini. Lapho ibona inkosi entsha, yamemeza: “Uzungu! Uzungu!” Izinduna zayibamba indlovukazi ekhohlakele, zahamba nayo futhi zayibulala. Kodwa yini eyenziwa ukuze kulungiswe umonakala owawudalwe yile ndlovukazi?

UJehoyada wasiza isizwe ukuba senze isivumelwano noJehova sokuthi sizokhonza Yena kuphela. UJehoyada wathi mababhidlize amathempeli kaBhali, baphihlize nezithixo zibe yizicucu. Wamisa abapristi namaLevi ukuba basebenze ethempelini ukuze abantu baphinde bakwazi ukukhonza khona. Wabeka nababezoqapha amasango ethempeli ukuze kungangeni muntu ongcolile. UJehoyada nezinduna babe sebethatha uJehowashi bamyisa esigodlweni futhi bambeka esihlalweni sobukhosi. Abantu bakwaJuda bajabula. Base bekwazi ukukhonza uJehova futhi babekhululekile endlovukazini ekhohlakele u-Athaliya nasekukhonzeni uBhali. Uyabona ukuthi isibindi sikaJehoyada sabasiza kanjani abantu abaningi?

“Ningabesabi labo ababulala umzimba kodwa bengenakuwubulala umphefumulo; kodwa kunalokho yesabani lowo ongabhubhisa kokubili umphefumulo nomzimba eGehena.”—Mathewu 10:28