Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 62

Umbuso Onjengesihlahla Esikhulu

Umbuso Onjengesihlahla Esikhulu

Ngobunye ubusuku uNebukhadinezari waphupha iphupho elithusayo. Wabiza amadoda ahlakaniphile ukuze amtshele ukuthi lisho ukuthini. Nokho akekho kuwo owakwazi ukulichaza. Ekugcineni, inkosi yakhuluma noDaniyeli.

UNebukhadinezari watshela uDaniyeli: ‘Ngiphuphe isihlahla esikhule saba sikhulu saze safika esibhakabhakeni. Ngisho noma ungaba kuphi emhlabeni ungasibona. Besinamahlamvu amahle nezithelo eziningi. Izilwane beziphumula phansi komthunzi waso nezinyoni zakha izidleke emagatsheni aso. Ngemva kwalokho kwehla ingelosi ivela ezulwini. Yamemeza yathi: “Gawula isihlahla namagatsha aso. Nokho shiya isiqu nezimpande zaso enhlabathini, usibophe ngebhande lensimbi nethusi. Inhliziyo yesihlahla izoshintsha ingabe isaba eyomuntu ibe eyesilwane sasendle kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa. Bonke abantu bayokwazi ukuthi uNkulunkulu unguMbusi nokuthi umbuso angawunika noma ubani afuna ukumnika.”’

UJehova wabonisa uDaniyeli ukuthi lalisho ukuthini iphupho. Lapho uDaniyeli eseliqonda iphupho, wethuka. Wathi: ‘O nkosi ngifisa ngabe leli phupho limayelana nezitha zakho, kodwa limayelana nawe. Nguwe oyisihlahla esikhulu esagawulwa. Uzoyeka ukuba yinkosi udle utshani endle njengesilwane sasendle. Nokho uzophinde ube yinkosi ngenxa yokuthi ingelosi ithe kuzoshiywa isiqu nezimpande zaso.’

Ngemva konyaka, uNebukhadinezari wayehamba phezu kophahla oluyisicaba esigodlweni sakhe, ebuka iBhabhiloni. Wathi: ‘Bheka idolobha elihle engilakhile. Buka ukuthi ngimkhulu kangakanani!’ Njengoba esakhuluma, izwi elivela ezulwini lathi: ‘Nebukhadinezari! Manje uzophucwa umbuso wakho.’

Ngaso leso sikhathi, uNebukhadinezari wavele wahlanya waphila njengesilwane sasendle. Waphoqeleka ukuba ashiye isigodlo sakhe ayophila nezilwane zasendle. Izinwele zakhe zakhula zaba zinde njengezimpaphe ezinkulu zokhozi nezinzipho zaba njengezenyoni.

Ngemva kweminyaka eyisikhombisa uNebukhadinezari waphila, uJehova wamenza inkosi yaseBhabhiloni. UNebukhadinezari wabe esethi: ‘Ngiyamdumisa uJehova iNkosi yamazulu. Manje ngiyazi ukuthi uJehova unguMbusi. Uyabathobisa abazikhukhumezayo, futhi umbuso angawunika noma ubani athanda ukumnika.’

“Ukuzidla kwandulela ukuphahlazeka, nokuzikhukhumeza kwandulela ukuwa.”—IzAga 16:18