Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 63

Umbhalo Osodongeni

Umbhalo Osodongeni

Ngokuhamba kwesikhathi, uBelishazari waba inkosi yaseBhabhiloni. Ngobunye ubusuku, wenza idili, wamema bonke abantu ababalulekile ezweni. Wathi izinceku zakhe mazilethe izinkomishi zegolide ezazithathwe uNebukhadinezari ethempelini likaJehova. UBelishazari nezimenywa zakhe baphuza ngazo lezi zinkomishi futhi badumisa onkulunkulu babo khona lapho. Kungazelelwe, kwabonakala isandla somuntu sibhala amagama angaqondakali odongeni egumbini lokudlela.

UBelishazari wethuka kakhulu. Wabiza abenza imilingo, wathi kubo: ‘Ozokwazi ukuchaza la magama, ngizomenza abe ngowesithathu ukusuka kimi ngobukhulu eBhabhiloni.’ Abenza imilingo bazama kodwa akukho noyedwa owakwazi ukuwuchaza umbhalo osodongeni. Indlovukazi yeza kuye yathi: ‘Kunendoda okuthiwa uDaniyeli eyayijwayele ukuchazela uNebukhadinezari izinto. Ingakuchazela ukuthi asho ukuthini la magama.’

UDaniyeli weza enkosini. UBelishazari wathi kuye: ‘Uma ungakwazi ukufunda futhi uchaze la mazwi, ngizokunika umgexo wegolide bese ngikwenza ube owesithathu ngobukhulu eBhabhiloni.’ UDaniyeli wathi: ‘Angisifuni isipho sakho, kodwa ngizokutshela ukuthi la mazwi asho ukuthini. Uyihlo uNebukhadinezari wayekhukhumele kodwa uJehova wamthobisa. Uyazazi zonke izinto ezenzeka kuye kodwa nawe udelela uJehova ngokuphuza iwayini ngezinkomishi zegolide zasethempelini laKhe. Ngakho uNkulunkulu ubhale la magama athi: Mene, Mene, Tekel, Farsin. La magama asho ukuthi amaMede namaPheresiya azolinqoba iBhabhiloni futhi wena ngeke usaba yinkosi.’

Kwakubonakala sengathi akekho onganqoba iBhabhiloni. Leli dolobha lalibiyelwe ngezindonga eziwugqinsi futhi lizungezwe umfula ojulile. Kodwa ngabo lobo busuku, amaMede namaPheresiya ahlasela iBhabhiloni. UKoresi, inkosi yasePheresiya, wachezukisa amanzi ukuze amasosha akwazi ukuhamba aze afike emasangweni edolobha. Lapho efika khona, amasango ayevulekile! Amasosha avele angena ngaphakathi, alinqoba idolobha, abulala nenkosi. Ngemva kwalokho, uKoresi waba umbusi waseBhabhiloni.

Ngawo lowo nyaka, uKoresi wathi: ‘UJehova ungitshele ukuba ngakhe kabusha ithempeli lakhe eJerusalema. Noma ubani ofisa ukusiza kulo msebenzi ukhululekile angahamba.’ Ngakho njengoba nje uJehova ayethembisile, amaJuda amaningi abuyela eJerusalema ngemva kweminyaka engu-70 libhujisiwe. UKoresi waphindisela emuva izinkomishi zesiliva nezegolide nazo zonke izitsha uNebukhadinezari ayezithathe ethempelini. Uyayibona indlela uJehova amsebenzisa ngayo uKoresi ukuze asize abantu baKhe?

“Liwile! IBhabhiloni Elikhulu liwile, seliyindawo yokuhlala yamademoni.”—IsAmbulo 18:2