Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 69

UGabriyeli Uvakashela UMariya

UGabriyeli Uvakashela UMariya

U-Elizabethi wayenesihlobo esibizwa ngokuthi uMariya, esasihlala eGalile edolobheni laseNazaretha. UMariya wayezoshada noJosefa, umbazi. Lapho u-Elizabethi esenezinyanga eziyisithupha ekhulelwe, ingelosi uGabriyeli yabonakala kuMariya. Yathi: ‘Sawubona, Mariya. UJehova ukubonise umusa omkhulu.’ UMariya wayengaqondi ukuthi uGabriyeli usho ukuthini. Wathi kuye: ‘Uzokhulelwa futhi uzale indodana, kumelwe uyibize ngokuthi uJesu. Izoba yiNkosi. UMbuso wayo awusoze waphela.’

UMariya wathi: ‘Ngingakhulelwa kanjani ngoba ngiyintombi nto?’ UGabriyeli wathi: ‘Ayikho into engenzeki kuJehova. Umoya ongcwele uzokwehlela kuwe bese uthola indodana. U-Elizabethi isihlobo sakho naye ukhulelwe.’ UMariya wabe esethi: ‘Ngiyincekukazi kaJehova. Makwenzeke njengoba usho.’

UMariya wabe esehamba eyovakashela u-Elizabethi. Lapho uMariya ebingelela u-Elizabethi, ingane ka-Elizabethi yakhahlela esiswini sakhe. Egcwele umoya ongcwele, wathi: ‘UJehova ukubusisile Mariya. Ngiyajabula ukubona umama weNkosi engena emzini wami.’ UMariya wathi: ‘Ngidumisa uJehova ngenhliziyo yami yonke.’ UMariya wahlala izinyanga ezithathu no-Elizabethi wabe esebuyela kubo eNazaretha.

Lapho uJosefa ethola ukuthi uMariya ukhulelwe, wafuna ukuhlukana naye. Kodwa ingelosi yabonakala kuye ephusheni, yathi: ‘Ungesabi ukushada naye. Akukho okubi akwenzile.’ Ngakho uJosefa washada noMariya wamletha emzini wakhe.

“UJehova wenza konke athanda ukukwenza, ezulwini nasemhlabeni.”—IHubo 135:6