Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 70

Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu

Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu

Umbusi woMbuso waseRoma, uKhesari Awugustu, wayala ukuba wonke amaJuda abuyele lapho azalelwa khona ukuze abhaliswe. Ngakho uJosefa noMariya bahamba baya eBetlehema, lapho uJosefa azalelwa khona. Sase sisondele isikhathi sokuba uMariya abelethe.

Lapho befika eBetlehema, ukuphela kwendawo abayithola ababengahlala kuyo kwakuyindawo imfuyo eyayidlela kuyo. UMariya wamzalela lapho uJesu. Wamsonga ngezindwangu ezithambile wabe esembeka emkhombeni.

Eduze naseBetlehema, abanye abelusi babehleli ngaphandle ebusuku, beluse imihlambi yabo. Kungazelelwe, kwama ingelosi phakathi kwabo futhi kwaba khona ukukhanya okukhulu okuyinkazimulo kaJehova. Abelusi besaba kodwa ingelosi yathi: ‘Ningesabi. Nginiphathele izindaba ezinhle. UMesiya uzelwe namuhla eBetlehema.’ Ngaso leso sikhathi, kwabonakala izingelosi eziningi esibhakabhakeni, zithi: ‘Makadunyiswe uNkulunkulu osezulwini futhi kube nokuthula emhlabeni.’ Izingelosi zabe sezinyamalala. Yini eyenziwa abelusi?

Abelusi bathi: ‘Asihambeni siye eBetlehema.’ Bahamba ngokushesha futhi bathola uJosefa, uMariya nosana lwabo endaweni okudlela kuyo imfuyo.

Wonke umuntu owezwa lokho ingelosi eyayikutshele abelusi wamangala. UMariya wacabangisisa ngalokho okwakushiwo ingelosi futhi akazange akukhohlwe. Abelusi babuyela emihlambini yabo bebonga uJehova ngalokho abakubonile nabakuzwile.

“Ngilapha nje ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa ngathunywa nguYe.”—Johane 8:42