Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 72

UJesu Esemusha

UJesu Esemusha

UJosefa noMariya babehlala eNazaretha noJesu namanye amadodana namadodakazi abo. UJosefa wayebaza ukuze ondle umndeni wakhe futhi wayewufundisa ngoJehova nangeMithetho yakhe. Umndeni wawuya njalo esinagogeni ukuze uyokhonza uNkulunkulu futhi njalo ngonyaka wawuya eJerusalema emkhosini wePhasika.

Lapho uJesu eneminyaka engu-12, umndeni wakubo wathatha uhambo olude oluya eJerusalema njengoba wawuhlale wenza. Idolobha laligcwele abantu ababezogubha iPhasika. Ngemva kwalokho, uJosefa noMariya babuyela ekhaya, bezitshela ukuthi uJesu uhamba nabo. Kodwa lapho bembheka ezihlotsheni zabo, abazange bamthole.

Babuyela eJerusalema beyombheka; kwaze kwaphela izinsuku ezintathu bemthungatha. Ekugcineni, baya ethempelini. UJesu wayehleli lapho, phakathi kwabafundisi, ebalele ngempela futhi ebabuza imibuzo enengqondo. Abafundisi babekhexile kangangokuthi baqala ukubuza uJesu imibuzo. Zazibamangaza izimpendulo zakhe. Zazibonisa ukuthi uwazi kahle uMthetho kaNkulunkulu.

UJosefa noMariya bebekhathazeke kakhulu. UMariya wathi: ‘Ndodana, sesikubheke yonke indawo! Ubukuphi?’ UJesu wathi: ‘Beningazi yini ukuthi kufanele ngibe sendlini kaBaba?’

UJesu wabuyela ekhaya nabazali bakhe eNazaretha. UJosefa wafundisa uJesu ukubaza. Ucabanga ukuthi uJesu wayenjani ngesikhathi eyinsizwa? Njengoba ekhula, uJesu wahlakanipha nakakhulu futhi wathandeka kuNkulunkulu nakubantu.

“O Nkulunkulu wami, kuyangijabulisa ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”—IHubo 40:8