Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 75

UDeveli Ulinga UJesu

UDeveli Ulinga UJesu

Ngemva kokuba uJesu ebhapathiziwe, umoya ongcwele wamholela ehlane. Akazange adle lutho kwaze kwaphela izinsuku ezingu-40 futhi wayelambe kakhulu. UDeveli wafika ezolinga uJesu wathi kuye: ‘Uma ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu, tshela la matshe abe yizinkwa.’ Kodwa uJesu wamphendula ngokucaphuna imiBhalo wathi: ‘Kulotshiwe ukuthi udinga okungaphezu kokudla ukuze uphile. Kumelwe ulalele wonke amazwi ashiwo uJehova.’

Ngemva kwalokho, uDeveli wavivinya uJesu wathi: ‘Uma ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu, gxuma uziphonse phansi usuka endaweni ephakeme kunazo zonke ethempelini. Kulotshiwe ukuthi uNkulunkulu uyothumela izingelosi zakhe zikubambe.’ Kodwa uJesu waphinda wacaphuna imiBhalo wathi: ‘Kulotshiwe ukuthi akufanele ulinge uJehova.’

USathane wabe esebonisa uJesu yonke imibuso yomhlaba nemicebo yayo, wathi: ‘Ngizokunika yonke le mibuso nemicebo yayo, uma ungikhothamela kanye nje kuphela.’ Kodwa uJesu waphendula wathi: ‘Hamba Sathane! Kulotshiwe ukuthi kufanele ukhulekele uJehova kuphela.’

UDeveli wahamba, izingelosi zeza futhi zanika uJesu ukudla. Kusukela lapho kuqhubeke, uJesu washumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Kwakuwumsebenzi ayethunyelwe ukuba awenze emhlabeni. Abantu babekuthanda lokho uJesu ayekufundisa futhi bemlandela nomaphi lapho eya khona.

“Lapho [uDeveli] ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nalokho ayikho, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.”—Johane 8:44