Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 76

UJesu Uhlanza Ithempeli

UJesu Uhlanza Ithempeli

Ngentwasahlobo ka-30 C.E., uJesu waya eJerusalema. Abantu abaningi babeze kuleli dolobha ukuzogubha iPhasika. Kulo mcimbi babenza imihlatshelo yezilwane. Abanye abantu babezifikela nezabo izilwane kodwa abanye babezithenga eJerusalema.

Lapho uJesu efika ethempelini wafica abantu bezidayisela khona izilwane. Babezenzela imali phakathi endlini yokukhonza uJehova! Yini uJesu ayenza? Wenza isiswebhu ngezintambo futhi waxosha ngaso izimvu nezinkomo ethempelini. Wagumbuqela amatafula abashintshi bemali, wayichitha phansi yonke imali yabo. Kulabo ababedayisa amajuba, uJesu wathi: ‘Susani lezi zinto lapha! Yekani ukwenza indlu kaBaba ibe yindawo yamabhizinisi!’

Abantu ababesethempelini kwabamangaza lokho uJesu ayekwenza. Abafundi bakhe bakhumbula isiprofetho esimayelana noMesiya, esithi: ‘Ngiyoyishisekela kakhulu indlu kaJehova.’

Kamuva, ngonyaka ka-33 C.E., uJesu walihlanza okwesibili ithempeli. Wayengeke avumele muntu ukuba adelele indlu kaYise.

“Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.”—Luka 16:13