Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 81

INtshumayelo YaseNtabeni

INtshumayelo YaseNtabeni

Ngemva kokukhetha abaphostoli abangu-12, uJesu wehlela endaweni okwakuhlangene kuyo abantu abaningi. Laba bantu babevela eGalile, eJudiya, eThire, eSidoni, eSiriya naphesheya kweJordani. Bafika nabantu ababegula nababehlushwa amademoni. UJesu wabasindisa bonke. Wabe esehlala phansi waqala ukufundisa. Wachaza ukuthi yini okumelwe siyenze ukuze sibe abangane bakaNkulunkulu. Wachaza nokuthi kumelwe siqaphele ukuthi siyamdinga uJehova nokuthi kufanele simthande. Kodwa ngeke sikwazi ukuthanda uNkulunkulu uma singabathandi abanye abantu. Kumelwe sibe nomusa kubo bonke abantu ngisho nesezitheni zethu.

UJesu wathi: ‘Akwanele ukuthanda abangane bakho kuphela. Kumelwe uthande nezitha zakho futhi uxolele abantu ngokusuka enhliziyweni. Uma kukhona umuntu omphathe kabi, kufanele usheshe uye kuye uyoxolisa. Kufanele uphathe abanye ngendlela nawe ofuna bakuphathe ngayo.’

UJesu waphinde weluleka abantu mayelana nemali. Wathi: ‘Kubaluleke kakhulu ukuba umngane kaJehova kunokuba nemali eningi. Isigebengu singayintshontsha imali yakho kodwa akekho ongakuphuca ubungane noJehova. Yekani ukukhathazeka ngokuthi nizodlani, nizophuzani noma ukuthi nizogqokani. Bukani izinyoni. UNkulunkulu uhlale ezinika ukudla okwanele. Ukukhathazeka ngeke kwenze ukuphila kwakho kube ngcono. Khumbula ukuthi uJehova uyakwazi okudingayo.’

Abantu babengakaze bamuzwe umuntu ofundisa njengoJesu. Abaholi babo benkolo babengakaze babafundise lezi zinto. Yini eyayenza uJesu afundise kahle kangaka? Kungenxa yokuthi yonke into ayeyifundisa yayivela kuJehova.

“Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba ngimnene futhi ngithobekile, nizothola ukuqabuleka.”—Mathewu 11:29