Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 84

UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi

UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi

UJesu akagcinanga ngokwelapha abantu abagulayo nokuvusa abafile, wayekwazi nokulawula umoya nemvula. Ngemva kokuthandaza entabeni, uJesu wathi uma ebheka oLwandle lwaseGalile wabona isivunguvungu. Abaphostoli bakhe babesesikebheni bezama ukugwedla kulowo moya onamandla. UJesu wehla waya olwandle wahamba phezu kwamanzi waya esikebheni sabo. Lapho abaphostoli bebona umuntu ohamba phezu kwamanzi, bavele besaba. Kodwa uJesu wathi kubo: ‘Ningesabi. Yimi.’

UPetru wathi: ‘Nkosi, uma kunguwe ngempela, ngitshele ngize kuwe.’ UJesu wathi kuPetru: ‘Woza.’ Ngakho uPetru waphuma esikebheni wahamba phezu kwamanzi waya kuJesu, kuso leso sivunguvungu. Kodwa kwathi nje lapho esezofika kuJesu, wabuka isivunguvungu lwamuthi heqe uvalo. Wabe eseqala ukucwila. UPetru wamemeza: ‘Nkosi, ngisindise!’ UJesu wambamba ngesandla, wathi: ‘Ungabazeleni? Luphi ukholo lwakho?’

UJesu noPetru bangena esikebheni, ngokushesha isivunguvungu saphela. Awucabange nje ukuthi abaphostoli babezizwa kanjani. Bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

UJesu akagcinanga lapho ukulawula isimo sezulu. Ngesinye isikhathi, lapho uJesu nabaphostoli bakhe besolwandle, uJesu wazumeka walala esikebheni. Ngesikhathi esalele, kwaba nesivunguvungu esikhulu. Amagagasi ashaya isikebhe saze sagcwala amanzi. Abaphostoli bavusa uJesu, bememeza: ‘Mfundisi, nakhu sifa! Sisindise!’ UJesu wavuka, wathi olwandle: “Thula!” Ngaso leso sikhathi ulwandle lwavele lwathula. UJesu wabuza abaphostoli bakhe: ‘Luphi ukholo lwenu?’ Bathi komunye nomunye: “Ngisho nomoya nolwandle kuyamlalela.” Abaphostoli bafunda ukuthi uma bemethemba ngokuphelele uJesu, kwakungadingeki besabe lutho.

“Ngabe ngikuphi nje ukube bengingenalo ukholo lokuthi ngiyobona ubuhle bukaJehova ezweni labaphilayo?”—IHubo 27:13