Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 87

Isidlo SikaJesu Sokugcina

Isidlo SikaJesu Sokugcina

AmaJuda ayegubha iPhasika njalo ngonyaka ngosuku lwesi-14 ngenyanga kaNisani. Lokhu kwakubakhumbuza indlela uJehova abakhulula ngayo ekubeni izigqila eGibhithe wabayisa eZweni Lesithembiso. Ngonyaka ka-33 C.E., uJesu nabaphostoli bakhe bagubha iPhasika ekamelweni eliphezulu eJerusalema. Lapho sebeqedile ukudla, uJesu wathi: ‘Omunye wenu uzongithengisa kubaFarisi.’ Abaphostoli baxakeka, babuza uJesu: ‘Ubani lowo?’ UJesu wathi: ‘Yilowo engizomnika lesi sinkwa.’ Wabe esenika uJuda Iskariyothe ucezu lwesinkwa. Ngaso leso sikhathi uJuda wasukuma waphuma endlini.

UJesu wabe esethandaza, wahlephula isinkwa, wasinika abaphostoli ababesele. Wathi kubo: ‘Yidlani lesi sinkwa. Simelela umzimba wami, engizowunikela ngenxa yenu.’ Wabe esethandazela iwayini wabanika lona. Wathi: ‘Phuzani leli wayini. Limelela igazi lami, engizolinikela ukuze kuthethelelwe izono. Nginithembisa ukuthi nizoba amakhosi kanye nami ezulwini. Lokhu kumelwe nikwenze njalo ngonyaka ukuze ningikhumbule.’ Namanje abalandeli bakaJesu basahlangana ngalolo suku njalo ngonyaka. Manje lowo mhlangano ubizwa ngokuthi Isidlo SeNkosi Sakusihlwa.

Lapho sesiphelile isidlo, abaphostoli baqala ukuphikisana ngokuthi ubani obaluleke kakhulu kubo. Kodwa uJesu wathi kubo: ‘Omkhulu kini yilowo ozibona emncane futhi engabalulekile kunani nonke.

‘Ningabangane bami. Nginitshela yonke into uBaba afuna nginitshele yona. Maduze ngizobuyela kuBaba ezulwini. Nina nizosala la futhi abantu bazokwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana. Kumelwe nithandane njengoba nje nami nginithandile.’

Ekugcineni, uJesu wathandaza, ecela uJehova ukuba avikele bonke abafundi bakhe. Wacela uJehova ukuba abasize bakwazi ukusebenza ndawonye ngokuthula. Wathandazela ukuthi igama likaJehova lingcweliswe. Ngemva kwalokho, uJesu nabaphostoli bacula izingoma zokudumisa uJehova base bephuma ekamelweni eliphezulu. Sasesisondele isikhathi sokuba uJesu aboshwe.

“Ungesabi mhlambi omncane, ngoba uYihlo uyakujabulela ukuninika uMbuso.”—Luka 12:32