Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 89

UPetru Uphika UJesu

UPetru Uphika UJesu

Ngesikhathi uJesu enabaphostoli bakhe ekamelweni eliphezulu, wathi kubo: ‘Nonke nizobaleka ningishiye namuhla ebusuku.’ UPetru wathi: ‘Mina ngeke ngikushiye! Ngisho noma bonke bengakushiya, mina angisoze ngakushiya.’ Kodwa uJesu wathi kuPetru: ‘Ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzongiphika kathathu.’

Abaphostoli abaningi babaleka lapho amasosha ethatha uJesu emyisa endlini kaKayafase. Kodwa ababili balandela isixuku. Omunye wabo kwakunguPetru. Waya egcekeni lendlu kaKayafase wafike wotha umlilo. Intombazane eyisisebenzi yathi uma ibona uPetru: ‘Ngiyakwazi wena! Kade unoJesu!’

UPetru wathi: ‘Cha, angikaze! Angazi ukuthi ukhuluma ngani!’ Wasuka wahamba waya ngasesangweni. Kodwa ngokushesha nje enye intombazane eyisisebenzi yambona yabe isitshela isixuku: ‘Le ndoda kade inoJesu!’ UPetru wathi: ‘Angazi nokuthi ubani uJesu!’ Enye indoda yathi: ‘Unamanga, wena ungomunye wabo! Ngikuzwa nje ukhuluma ukuthi uvela eGalile, njengoJesu.’ Kodwa uPetru wafunga wathi: ‘Angimazi lowo muntu!’

Ngaso leso sikhathi, iqhude lakhala. UPetru wabona uJesu ephenduka embuka. Wakhumbula amazwi kaJesu, waphumela ngaphandle wakhala kakhulu.

Kusenjalo, iSanhedrini yahlangana endlini kaKayafase ukuze iqule icala likaJesu. Base benqumile ukuthi bazombulala uJesu, manje babefuna isizathu. Kodwa abasitholanga. Ekugcineni, uKayafase wabuza uJesu: ‘Ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu?’ UJesu wathi: ‘Kunjalo.’ UKayafase wathi: ‘Nabu-ke ubufakazi. Le ndoda ihlambalaza uNkulunkulu!’ Bonke bavumelana bathi: ‘Le ndoda kumelwe ibulawe.’ Bashaya uJesu, bamphimisela ngamathe, bamvala amehlo balokhu bethi: ‘Uma ungumprofethi, yisho ukuthi ubani okushayile!’

Lapho sekusile, bamthatha uJesu bamyisa ehholo leSanhedrini, baphinde bambuza: ‘Ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu?’ UJesu waphendula: ‘Kusho wena ukuthi ngiyiyo.’ Bambeka icala lokuhlambalaza base bemyisa endlini kaPontiyu Pilatu, owayengundunankulu waseRoma. Kwabe sekwenzekani? Ake sithole.

“Ihora . . . selifikile, lapho nizohlakazwa khona, ngamunye aye endlini yakhe, ningishiye ngedwa. Kodwa angingedwa, ngoba uBaba unami.”—Johane 16:32