Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 93

UJesu Ubuyela Ezulwini

UJesu Ubuyela Ezulwini

UJesu wahlangana nabalandeli bakhe eGalile. Wabanika umyalo obalulekile wathi: ‘Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi. Nibafundise zonke izinto enginifundise zona bese nibabhapathiza.’ Wabe esebathembisa: ‘Khumbulani, ngizohlale nginani.’

Phakathi nezinsuku ezingu-40 evusiwe, uJesu wabonakala kabafundi bakhe abaningi eGalile naseJerusalema. Wabafundisa izifundo ezibalulekile, wenza nezimangaliso eziningi. Ngemva kwalokho uJesu wahlangana nabaphostoli bakhe okokugcina eNtabeni Yeminqumo. Wathi kubo: ‘Ningalishiyi iJerusalema. Lindelani lokho uBaba akuthembisile.’

Abaphostoli abaqondanga ukuthi usho ukuthini. Babe sebembuza: ‘Ingabe manje uzoba yiNkosi yakwa-Israyeli?’ UJesu wathi: ‘Akukabi yisikhathi sikaJehova sokuba ngibe yinkosi. Maduzane nizothola amandla enizowanikwa umoya ongcwele futhi nizoba ofakazi bami. Hambani niyoshumayela eJerusalema, eJudiya, eSamariya nasezingxenyeni ezikude zomhlaba.’

UJesu wabe esenyukela ezulwini, wembozwa yifu. Abafundi bakhe baqhubeka begqolozele phezulu, kodwa wayesehambile.

Abafundi behla eNtabeni Yeminqumo baya eJerusalema. Babehlangana njalo egumbini eliphezu futhi bethandaza. Babelindele ukuba uJesu abatshele ukuthi benzeni.

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14