Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 94

Abafundi Bathola Umoya Ongcwele

Abafundi Bathola Umoya Ongcwele

Ngemva kwezinsuku eziyishumi uJesu ebuyele ezulwini, abafundi bakhe bathola umoya ongcwele. KwakuyiPhentekoste lika-33 C.E., futhi abantu babeze eJerusalema bevela ezindaweni eziningi bezogubha lo mkhosi. Abafundi bakaJesu abangaba ngu-120 babebuthene ekamelweni eliphezulu. Kungazelelwe, kwenzeka into eyisimanga. Kwavela okwakubukeka njengomlilo emakhanda abo bonke abafundi, futhi bonke baqala ukukhuluma izilimi ezihlukahlukene. Endlini ababekuyo kwaba nomsindo omkhulu onjengokuduma kwezulu.

Izivakashi ezazize eJerusalema zawuzwa lo msindo zagijima zaya kule ndlu ukuze zibone ukuthi kwenzekani. Zamangala lapho zizwa abafundi bekhuluma izilimi ezihlukahlukene. Zathi: ‘Laba bantu abaseGalile nje. Kwenzeka kanjani ukuthi bakhulume izilimi zethu?’

UPetru nabanye abaphostoli bama phambi kwesixuku. UPetru watshela abantu indlela uJesu abulawa ngayo nokuthi uJehova wamvusa ekufeni. UPetru wathi: ‘Manje uJesu usezulwini ngakwesokudla sikaNkulunkulu futhi usinike umoya ongcwele ayesithembise wona. Yingakho niye nabona futhi nezwa lezi zimangaliso.’

Amazwi kaPetru abathinta kakhulu abantu, futhi babuza: “Yini okufanele siyenze?” Wathi kubo: ‘Phendukani ezonweni zenu futhi nibhapathizwe egameni likaJesu. Nani nizothola isipho somoya ongcwele.’ Ngalolo suku, kwabhapathizwa abantu abangaba ngu-3 000. Kusukela lapho kuqhubeke, inani labafundi lakhula ngokushesha eJerusalema. Ngenxa yosizo lomoya ongcwele, abaphostoli bamisa amabandla amaningi ukuze bakwazi ukufundisa abafundi konke uJesu ayebayale ngakho.

“Uma uvuma obala ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, futhi unokholo enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafile, uyosindiswa.”—Roma 10:9