Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 95

Ayikho Into Eyangabavimba

Ayikho Into Eyangabavimba

Indoda eyayingakwazi ukuhamba, yayihlala njalo emasangweni ethempelini icele imali. Ngolunye usuku ntambama, yabona uPetru noJohane bengena ethempelini. Yathi kubo: ‘Ngicela ningiphe okuthile.’ UPetru wathi: ‘Ngizokunika into engcono kakhulu kunemali. Egameni likaJesu, sukuma uhambe!’ UPetru wabe eseyisiza le ndoda ukuba isukume, nangempela yasukuma yaqala ukuhamba! Abantu bajabula kakhulu ngalesi simangaliso kangangokuthi abaningi baba amakholwa.

Kodwa abapristi nabaSadusi bacasuka kakhulu. Babamba abaphostoli, babayisa enkantolo bathi kubo: ‘Ubani oninike amandla okuphulukisa le ndoda?’ UPetru wathi: ‘Siwathole kuJesu Kristu, lo enambulala.’ Abaholi benkolo bathetha bathi: ‘Yekani ukukhuluma ngoJesu!’ Kodwa abaphostoli bathi: ‘Kumelwe sikhulume ngaye. Ngeke siyeke.’

Lapho uPetru noJohane bephuma ejele, bahamba bayotshela abanye abafundi ngalokho okwakwenzekile. Bathandaza ndawonye, bacela uJehova bathi: ‘Sicela usisize sibe nesibindi ukuze sikwazi ukuqhubeka senza umsebenzi wakho.’ UJehova wabanika umoya ongcwele, base beqhubeka nokushumayela nokuphulukisa. Abantu abaningi baba amakholwa. AbaSadusi babenomona kangangokuthi babopha abaphostoli babafaka ejele. Kodwa phakathi nobusuku, uJehova wathumela ingelosi, yavula amasango ejele yathi kubaphostoli: ‘Hambani niye ethempelini nifike nifundise.’

Ekuseni, iSanhedrini, inkantolo yabaholi benkolo, yatshelwa ukuthi: ‘Ijele lisavaliwe kodwa amadoda eniwabophile ahambile! Asethempelini, afundisa abantu!’ Abaphostoli baphinde baboshwa bavela phambi kweSanhedrini. Umpristi ophakeme wathi: ‘Sithe kini yekani ukukhuluma ngoJesu!’ Kodwa uPetru waphendula wathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”

Abaholi benkolo bacasuka kakhulu kangangokuthi bafuna ukubabulala abaphostoli. Kodwa umFarisi obizwa ngokuthi uGamaliyeli wasukuma wabe esethi: ‘Kumelwe niqaphe! Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu unala madoda. Niyafuna uNkulunkulu alwe nani?’ Bamlalela uGamaliyeli. Ngemva kokubabhaxabula ngenduku, baphinde batshela abaphostoli ukuthi bayeke ukushumayela ngemva kwalokho babadedela. Kodwa abaphostoli abayekanga. Baqhubeka beshumayela izindaba ezinhle ngesibindi, kokubili ethempelini nasendlini ngendlu.

“Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29