Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 99

Ujele Uthola Iqiniso

Ujele Uthola Iqiniso

EFilipi, kwakunentombazane eyisigqila eyayinedemoni. Idemoni lalenza le ntombazane ikwazi ukubikezela izinto zingakenzeki futhi abanikazi bayo babethola imali eningi ngenxa yalokho. Lapho uPawulu noSila befika eFilipi, le ntombazane yayilokhu ibalandela kwaze kwaphela izinsuku eziningi. Idemoni laliyenza imemeze ithi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke.” Ekugcineni, uPawulu wathi kuleli demoni: ‘Ngegama likaJesu, phuma kule ntombazane!’ Nangempela idemoni laphuma entombazaneni.

Lapho abanikazi bale ntombazane bebona ukuthi ngeke besathola imali, bacasuka kakhulu. Bahudulela enkantolo yomphakathi uPawulu noSila, bethi: ‘La madoda aphula umthetho futhi aphazamisa umphakathi wonke!’ Imantshi yathi uPawulu noSila mabashaywe bafakwe ejele. Ujele wabafaka ejele, endaweni esekujuleni okungafiki kuyo ukukhanya, wababopha izinyawo.

Njengoba besejele, uPawulu noSila babecula izingoma zokudumisa uJehova. Kungazelelwe, phakathi nobusuku kwazamazama umhlaba, ijele lonke landindizela kusukela phansi kuya phezulu. Iminyango yejele yavuleka, namaketanga eziboshwa aqaqeka. Ujele wagijima wangena ngaphakathi wafike wathola iminyango yejele ivulekile. Eqiniseka ukuthi iziboshwa zibalekile, wathatha inkemba walungiselela ukuzibulala.

Ngaso leso sikhathi, uPawulu wamemeza: ‘Ungazilimazi! Sikhona!’ Ujele wagijima wangena ngaphakathi wafike waguqa phambi kukaPawulu noSila. Wathi kubo: “Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngisindiswe?” Bathi kuye: ‘Wena nomndeni wakho kumelwe nikholelwe kuJesu.’ UPawulu noSila babafundisa ngoJehova, ngemva kwalokho ujele nomndeni wakhe babhapathizwa.

“Abantu bayomelana nani banishushise, baninikele emasinagogeni nasemajele. Niyolethwa phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Lokho kuyoninikeza ithuba lokufakaza.”—Luka 21:12, 13