Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 103

“UMbuso Wakho Mawuze”

“UMbuso Wakho Mawuze”

Nasi isithembiso sikaJehova: ‘Ngeke kusaba khona ukukhala, ubuhlungu, ukugula noma ukufa. Ngiyosula izinyembezi emehlweni abo bonke abantu. Zonke izinto ezimbi ezenzeke esikhathini esidlule ngeke nizikhumbule.’

UJehova wabeka u-Adamu no-Eva ensimini yase-Edene ukuba baphile ngokuthula nangokujabula. Kwakumelwe bakhonze uBaba wabo osezulwini futhi izingane zabo zigcwale umhlaba. U-Adamu no-Eva abazange bamlalele uJehova, kodwa injongo kaNkulunkulu ayizange ishintshe. Kule ncwadi sibonile ukuthi zonke izinto uNkulunkulu athi zizokwenzeka, zenzeka ngempela. UMbuso wakhe uyoletha izibusiso ezinhle kakhulu emhlabeni njengoba athembisa u-Abrahama.

Maduzane, uSathane namademoni akhe nabo bonke abantu ababi ngeke besaba khona. Wonke umuntu ophilayo uyokhonza uJehova. Ngeke sigule noma sife. Esikhundleni salokho, siyovuka njalo ekuseni siqabulekile, sinamandla futhi sikujabulela ukuphila. Umhlaba uyoba yipharadesi. Wonke umuntu uyoba nokudla okumnandi futhi ahlale endlini ephephile. Abantu bayoba nomusa, ngeke babe nesihluku noma udlame. Izilwane ezihlala endle ngeke zisesabe futhi nathi ngeke sizesabe.

Kuyoba mnandi kakhulu lapho uJehova eqala ukuvusa abantu. Siyokwamukela ekuphileni abantu basendulo, njengo-Abela, uNowa, u-Abrahama, uSara, uMose, uRuthe, u-Esteri noDavide. Bayosebenza nathi ekwenzeni umhlaba ube yipharadesi. Kuyohlale kunomsebenzi omningi omnandi.

UJehova ufuna ube khona lapho. Uzothola ithuba lokumazi kangcono. Masisondele kuJehova usuku nosuku, manje naphakade!

“Kukufanele Jehova Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto.”—IsAmbulo 4:11