Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Zikhonzi Ezithandekayo:

Njengezikhonzi zikaJehova, siyalithanda iZwi lakhe iBhayibheli. Siyaqiniseka ukuthi umlando okulo unembile futhi lisinikeza isiqondiso esingasethemba liphinde lisibonise ubufakazi obusithinta inhliziyo bokuthi uJehova uyabathanda abantu. (IHubo 119:105; Luka 1:3; 1 Johane 4:19) Sinesifiso esijulile sokusiza abanye bafunde amaqiniso ayigugu aseZwini likaNkulunkulu. Yingakho sijabula ukukhulula le ncwadi ethi “Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini.” Kafushane nje ake sikuchazele ngayo.

Ngokuyinhloko le ncwadi ilungiselelwe izingane. Nokho, ingaba usizo nakubantu abadala abafuna ukufunda okwengeziwe ngeBhayibheli. Njengoba iBhayibheli liyincwadi yawo wonke umuntu, asingabazi ukuthi sonke sizozuza ngokuhlola izifundo ezikulo, ezingasisiza sijabule ngempela.

Isebenzisa izindaba eziseBhayibhelini, le ncwadi ichaza umlando wabantu kusukela ekudalweni kwabo kuye phambili. Kwenziwe umzamo omkhulu wokuchaza lezi zindaba eziseBhayibhelini ngendlela elula necacile nangendlela ezilandelana ngayo.

Nokho, le ncwadi yenza okungaphezu nje kokulandisa izindaba eziseBhayibhelini. Amagama nezithombe, kusetshenziswe ngendlela eyenza izindaba eziseBhayibhelini ziphile futhi zithinte inhliziyo.

Le ncwadi isisiza sibone ukuthi iBhayibheli likhuluma ngabantu abalalela uNkulunkulu nangalabo abangazange bamlalele. Lisishukumisela ukuba sifunde ezibonelweni zabo. (Roma 15:4; 1 Korinte 10:6) Le ncwadi ihlukaniswe yaba yizingxenye ezingu-14. Ekuqaleni kwengxenye ngayinye, kunencazelo emfushane yalokho esizokufunda kuleyo ngxenye.

Uma ungumzali, ungase ufunde isifundo nengane yakho bese nixoxa ngezithombe ezilapho. Ngemva kwalokho ningafunda amavesi eBhayibheli okusekelwe kuwo isifundo. Siza ingane yakho ixhume lokho ekufunda eBhayibhelini nesifundo esithola encwadini.

Sithemba ukuthi le ncwadi izosiza bonke abanhliziyo ziqotho—abancane nabadala—bafunde eZwini likaNkulunkulu futhi basebenzise izifundo abazitholayo ekuphileni kwabo. Lokho kuyokwenza ukuba nabo bakhonze uNkulunkulu njengamalungu omndeni wakhe awuthandayo.

Abafowenu

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova