Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 1

Isethulo Sengxenye 1

IBhayibheli liqale likhulume ngokudalwa kwendalo ebonakalayo, lisenza sibone izinto ezinhle uJehova azenzile, ezulwini nasemhlabeni. Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone izinto eziningi ezibabazekayo uNkulunkulu azidalile. Yibonise indlela uNkulunkulu adale ngayo abantu bahlakanipha kunezilwane, ngokubanika ikhono lokukhuluma, lokucabanga, lokusungula izinto, lokucula nelokuthandaza. Siza ingane yakho iwahloniphe amandla kaJehova nokuhlakanipha kwaKhe, ikakhulukazi indlela ayithanda ngayo yonke indalo yakhe—kuhlanganise nathi njengabantu.

KULE NGXENYE

UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba

IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba. Kodwa uyazi ukuthi iyiphi ingelosi ayidala kuqala ngaphambi kwayo yonke enye into?

UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala

UNkulunkulu wadala indoda yokuqala nowesifazane wokuqala wababeka ensimini yase-Edene. Wayefuna ukuba bakhulise umndeni futhi benze wonke umhlaba ube yipharadesi.