Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 2

Isethulo Sengxenye 2

Kungani uJehova aletha uzamcolo owabhubhisa abantu bangaleso sikhathi? Ekuqaleni komlando wesintu, uSathane wavukela uJehova. Abantu abathile, njengo-Adamu no-Eva nendodana yabo uKhayini, bakhetha uhlangothi lukaSathane. Abanye abambalwa, njengo-Abela noNowa, bakhetha ukuba sohlangothini lukaJehova. Abantu abaningi benza izinto ezimbi kangangokuthi uJehova wanquma ukubabhubhisa labo bantu ababi. Le ngxenye izosisiza sibone ukuthi uJehova uyalubona uhlangothi esilukhethayo nokuthi akasoze avumela ububi bunqobe ubuhle.

KULE NGXENYE

U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu

Yini eyayihlukile ngesihlahla esisodwa esasisensimini yase-Edene? Kungani u-⁠Eva adla isithelo saso?

Intukuthelo Yamenza Umbulali

UNkulunkulu wawamukela umnikelo ka-Abela kodwa akawamukelanga okaKhayini. Lapho uKhayini ekubona lokho, wathukuthela kakhulu wenza into embi.

Umkhumbi KaNowa

Izingelosi ezehla ezulwini zashada nabesifazane, abazizalela iziqhwaga eziyimidondoshiya. Kwakugcwele ubudlova emhlabeni. Kodwa uNowa wayehlukile​—⁠wayemthanda uNkulunkulu futhi emlalela.

Kwasinda Abantu Abangu-8

Imvula yana izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40. UNowa nomndeni wakhe babesemkhunjini isikhathi esingaphezu konyaka. Ekugcineni, uNkulunkulu wathi abaphume.