Isethulo Sengxenye 3
Ngemva kukaZamcolo, iBhayibheli likhuluma ngabantu abambalwa kakhulu abakhonza uJehova. U-Abrahama owayaziwa njengomngane kaJehova, uphakathi kwalabo abamkhonza. Kungani ayebizwa ngokuthi umngane kaJehova? Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone ukuthi uJehova uyayikhathalela nokuthi ufuna ukuyisiza. Njengo-Abrahama namanye amadoda athembekile, anjengoLoti noJakobe, ngokukhululekile nathi singalucela usizo lukaJehova. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uzozigcwalisa zonke izithembiso azenzayo.
KULE NGXENYE
UMbhoshongo WaseBhabhele
Abantu abathile banquma ukwakha idolobha nombhoshongo ofika emazulwini. Kungani uNkulunkulu anquma ukubenza bakhulume izilimi ezingafani?
U-Abrahama NoSara Balalela UNkulunkulu
Kungani u-Abrahama noSara bashiya ikhaya labo baba onozulane ezweni laseKhanani?
Ekugcineni Bathola Indodana!
UNkulunkulu wayezosigcwalisa kanjani isithembiso sakhe ku-Abrahama? Isithembiso sasizogcwaliseka ngayiphi indodana ka-Abrahama—u-Isaka noma u-Ishmayeli?
Khumbula UmkaLoti
UNkulunkulu wenza ukuba kune umlilo nesibabule eSodoma naseGomora. Kungani lawo madolobha abhujiswa? Kungani kufanele sikhumbule umkaLoti?
Ukuvivinywa Kokholo
UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: ‘Ngicela uthathe indodana yakho okuwukuphela kwayo wenze ngayo umnikelo oshiswayo entabeni yaseMoriya.’ U-Abrahama wayezosabela kanjani kulolu vivinyo lokholo?
UJakobe Wathola Ifa
U-Isaka noRebheka babenabafana abangamawele u-Esawu noJakobe. Ngenxa yokuthi u-Esawu wayeyizibulo, wayezothola ifa eliyigugu. Kungani alidayisa ukuze athole isitshulu?
UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
Ingelosi yambusisa kanjani uJakobe? Futhi waxolelana kanjani no-Esawu?