Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 5

Isethulo Sengxenye 5

Ngemva kwezinyanga ezimbili ewele uLwandle Olubomvu, ama-Israyeli afika eNtabeni iSinayi. Lapho, uJehova wenza isivumelwano nama-Israyeli sokuthi bazoba isizwe sakhe esikhethekile. Wabavikela, wabasekela ngakho konke ababekudinga, wabanika imana ababezoyidla nendawo ephephile yokuhlala futhi izingubo zabo azizange ziguge. Uma ungumzali, siza ingane yakho iqonde ukuthi kungani uJehova anika ama-Israyeli uMthetho, itabernakele nobupristi. Gcizelela ukubaluleka kokwenza esikuthembisile, ukuhlala sithobekile nokuhlala siqotho kuJehova.

KULE NGXENYE

Isifungo Esenziwa kuJehova

Lapho ama-Israyeli esekamu eNtabeni iSinayi enza isithembiso esikhethekile kuNkulunkulu.

Asephula Isithembiso Sawo

Ngesikhathi uMose esayolanda Imiyalo Eyishumi, abantu benza isono esibi kakhulu.

Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo

Leli tende elikhethekile lalinomphongolo wesivumelwano.

Izinhloli Ezingu-12

Umbiko kaJoshuwa nokaKhalebi wawuhlukile kowezinhloli eziyishumi ezaziyohlola izwe laseKhanani.

Bavukela UJehova

UKhora, uDathani, u-⁠Abhiramu nabanye abangu-250 bavukela uMose no-Aroni. UJehova uthumela ama-Israyeli esebenzisa induku ka-Aroni.

Imbongolo KaBhalami Iyakhuluma

Imbongolo yabona othile owayengabonakali kuBhalami.