Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 6

Isethulo Sengxenye 6

Ekugcineni, lapho ama-Israyeli efika eZweni Lesithembiso, ukukhulekela kweqiniso kwenziwa etabernakele. Abapristi babefundisa uMthetho, abahluleli beqondisa isizwe. Le ngxenye ibonisa indlela izinqumo nezenzo zomuntu ezingabathinta ngayo abanye. UmIsrayeli ngamunye kwakufanele ahloniphe uJehova nabanye abantu. Qokomisa ithonya uDebhora, uNawomi, uJoshuwa, uHana, indodakazi kaJefta noSamuweli ababa nalo emphakathini wabo. Bonisa ukuthi nabanye ababengewona ama-Israyeli, njengoRahabi, uRuthe, uJayeli nabaseGibheyoni, bakhetha ukuba ngasohlangothini lwama-Israyeli ngenxa yokuthi babazi ukuthi uNkulunkulu unabo.

KULE NGXENYE

UJehova Wakhetha UJoshuwa

UNkulunkulu wanika uJoshuwa iziqondiso ezingasisiza nanamuhla.

URahabi Wafihla Izinhloli

Zadilika izindonga zaseJeriko. Kodwa indlu kaRahabi ayidilikanga nakuba izindonga zayo zazixhumene nezinye izindlu zaseJeriko.

UJoshuwa NabaseGibheyoni

UJoshuwa wathandaza kuNkulunkulu: “Langa, yima!” Wawuphendula yini uNkulunkulu umthandazo wakhe?

Umholi Omusha Nabesifazane Ababili Abanesibindi

Ngemva kokufa kukaJoshuwa, ama-Israyeli aqala ukukhulekela izithombe. Ukuphila kwawo kwaba nzima, nokho uNkulunkulu wasebenzisa uMahluleli uBharaki, umphrofethikazi uDebora noJayeli nesikhonkwane setende lakhe ukuze awasize.

URuthe NoNawomi

Abesifazane ababili abangabafelokazi babuyela kwa-Israyeli. Omunye walaba besifazane, uRuthe, wasebenza emasimini, lapho abonwa khona uBhowazi.

UGideyoni Unqoba AbakwaMidiyani

Ngemva kokuhlukunyezwa abakwaMidiyani, ama-Israyeli ancenga uJehova ukuba awasize. Ibutho likaGideyoni elincane lalinqoba kanjani ibutho lesitha elalinamasosha angu-135 000?

UHana Wathandazela Ukuthola Indodana

U-Elkana uthatha uHana, uPhenina nabantwana ukuze bayokhonza uJehova eShilo. Lapho befika khona, uHana wathandazela ukuthola indodana. Ngemva konyaka, uSamuweli wazalwa!

Isithembiso SikaJefta

Yisiphi isithembiso esenziwa uJefta futhi kungani asenza? Yasabela kanjani indodakazi kaJefta lapho izwa ngesithembiso sikayise?

UJehova Ukhuluma NoSamuweli

Amadodana oMpristi Ophakeme u-⁠Eli ayekhonza njengabapristi etabernakele, nokho ayengayilaleli imithetho kaNkulunkulu. USamuweli wayehlukile nakuba ayemncane. UJehova wakhuluma naye.

UJehova Wenza USamsoni Waba Namandla

UNkulunkulu wenza uSamsoni waba namandla ukuze akwazi ukulwa namaFilisti, kodwa uSamsoni wenza iphutha futhi amaFilisti ambamba.