Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 8

Isethulo Sengxenye 8

UJehova wabusisa uSolomoni ngokuhlakanipha okukhulu wamnika nomsebenzi okhethekile wokwakha ithempeli, naphezu kwalokho uSolomoni wamshiya uJehova. Uma ungumzali, chazela ingane yakho indlela abakhulekeli bonkulunkulu bamanga abenza ngayo uSolomoni washiya uNkulunkulu. Umbuso wawusuhlukene phakathi futhi amakhosi amabi enza isizwe salahla uNkulunkulu sakhonza izithombe. Phakathi naleso sikhathi abaprofethi abaningi bakaJehova abaqotho babeshushiswa futhi bebulawa. Indlovukazi uJezebeli yenza umbuso wasenyakatho wenza izinto ezimbi nakakhulu. Kwakuyisikhathi esinzima emlandweni wakwa-Israyeli. Noma kunjalo zazikhona izinceku zikaJehova ezithembekile ezinjengeNkosi uJehoshafati nomprofethi u-Eliya.

KULE NGXENYE

Ithempeli LikaJehova

UNkulunkulu wasamukela isicelo seNkosi uSolomoni.

Umbuso Uhlukana Phakathi

Ama-Israyeli amaningi ayeka ukukhulekela uJehova.

Uvivinyo ENtabeni IKarmeli

Ubani uNkulunkulu weqiniso? UJehova noma uBhali?

UJehova Waqinisa U-⁠Eliya

Ucabanga ukuthi angakuqinisa nawe?

Indodana Yomfelokazi Ivuka Ekufeni

Izimangaliso ezimbili emzini owodwa!

INdlovukazi Ekhohlakele Iyajeziswa

UJezebeli uhlela ukuba kubulawe uNaboti ongumIsrayeli ukuze ebe insimu yakhe yamagilebhisi! UJehova wabuqaphela ububi bakhe.

UJehova Uvikela UJehoshafati

Inkosi elungile uJehoshafati ithandaza kuNkulunkulu lapho uJuda ehlaselwa izitha.