Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 9

Isethulo Sengxenye 9

Le ngxenye ikhuluma ngabantu abasebasha, abaprofethi namakhosi abonisa ukholo oluqinile kuJehova. ESiriya, intombazanyana engumIsrayeli yayinokholo lokuthi umprofethi kaJehova uzomelapha uNahamani. Umprofethi u-Elisha wayekholelwa ngempela ukuthi uJehova wayezomvikela ebuthweni lesitha. UMpristi Omkhulu uJehoyada wafaka ukuphila kwakhe engozini ukuze avikele uJehowashi owayesemncane kugogo wakhe okhohlakele, u-Athaliya. INkosi uHezekiya yayiqiniseka ngokuthi uJehova uzolisindisa iJerusalema futhi akazange esatshiswe izinsongo zama-Asiriya. INkosi uJosiya yakuqeda konke ukukhulekelwa kwezithombe ezweni, yakha kabusha ithempeli futhi yahola isizwe ekukhulekeleni kweqiniso.

KULE NGXENYE

Iqhawe Nentombazanyana

Intombazanyana engumIsrayeli itshela inkosikazi kaNahamani ngamandla kaJehova, okwaholela ekutheni uNahamani elapheke.

Ibutho LikaJehova Lomlilo

Indlela u-⁠Elisha abona ngayo ukuthi ‘baningi abanathi kunabo.’

Isibindi SikaJehoyada

Umpristi othembekile umelana nendlovukazi embi.

UJehova Wambekezelela UJona

Kwenzeka kanjani ukuba omunye umprofethi kaNkulunkulu agwinywe inhlanzi enkulu? Waphuma kanjani? Futhi uJehova wamfundisa siphi isifundo?

Ingelosi KaJehova Ivikela UHezekiya

Izitha zamaJuda zithi uJehova ngeke abavikele abantu bakhe, kodwa bashaye phansi kwashunqa uthuli!

UJosiya Uyawuthanda Umthetho KaNkulunkulu

UJosiya waba inkosi yakwaJuda lapho eneminyaka engu-8 futhi wasiza abantu ukuba bakhonze uJehova.