Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 10

Isethulo Sengxenye 10

UJehova uyiNkosi phezu kwakho konke. Ubelokhu enamandla futhi uyohlala enamandla. Ngokwesibonelo, wasindisa uJeremiya emgodini ojulile. Wavikela uShadiraki, uMeshaki no-Abedinego emlilweni omkhulu kanye noDaniyeli emabhubesini. UJehova wavikela u-Esteri ukuze akwazi ukusindisa isizwe sonke. Ngeke avumele izinto ezimbi ziqhubeke zikhona. Iziprofetho zesithombe nesihlahla esikhulu zisiqinisekisa ngokuthi maduze uMbuso kaJehova uzobuqeda ububi lapho usubusa emhlabeni.

KULE NGXENYE

UJehova Uthuma UJeremiya Ukuba Ayoshumayela

Lokho umprofethi osemusha akusho kwawacasula amadoda amadala akwaJuda.

IJerusalema Liyabhujiswa

AmaJuda aqhubeka nokukhonza onkulunkulu bamanga, ngenxa yalokho uJehova uyawalahla.

Abafana Abane Balalela UJehova

AmaJuda ayesemasha ayezimisele ukuba qotho kuJehova, ngisho naseBhabhiloni.

Umbuso Ozohlala Phakade

UDaniyeli uchaza iphupho elixakile likaNebukhadinezari.

Benqaba Ukukhothamela Isithombe

UShadiraki, uMeshaki no-Abedinego benqaba ukukhothamela isithombe seNkosi segolide.

Umbuso Onjengesihlahla Esikhulu

Iphupho likaNebukhadinezari libikezela ikusasa lakhe.

Umbhalo Osodongeni

Avela nini la mazwi angaqondakali futhi asho ukuthini?

UDaniyeli emgodini wamabhubesi

Thandaza kuJehova nsuku zonke njengoDaniyeli!

U-Esteri Usindisa AmaJuda

Ngisho noma ayengumuntu wakwelinye izwe futhi eyintandane, wagcina eyindlovukazi.

U-Ezra Ufundisa UMthetho KaNkulunkulu

Ngemva kokuba ama-Israyeli elalele u-⁠Ezra, benza isithembiso esikhethekile kuNkulunkulu.

Izindonga ZaseJerusalema

UNehemiya wathola ukuthi izitha zakhe zihlela ukumhlasela. Kungani ayengesabi?