Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 11

Isethulo Sengxenye 11

Le ngxenye yethula imiBhalo YamaKristu YesiGreki. UJesu wazalelwa emndenini ongacebile owawuhlala edolobhaneni elincane. Wayesebenza nobaba wakhe ongumbazi. UJesu nguye owayezosindisa abantu. UJehova wakhetha yena ukuba abe yiNkosi yoMbuso wasezulwini. Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone ukuthi uJehova wawukhetha ngokucophelela kanjani umndeni nendawo uJesu ayezokhulela kuyo. Bonisa indlela uJehova avikela ngayo uJesu ukuze angabulawa uHerode nokuthi ayikho into engavimba injongo kaJehova. Yifundise indlela uJehova anika ngayo uJohane umsebenzi wokulungiselela uJesu indlela. Gcizelela nendlela uJesu abonisa ngayo ukuthi uyakuthanda ukuhlakanipha kukaJehova, ngisho nangesikhathi esemncane.

KULE NGXENYE

U-Elizabethi Uba Nomntwana

Kungani umyeni ka-Elizabethi atshelwa ukuthi ngeke akwazi ukukhuluma kuze kuzalwe ingane?

UGabriyeli Uvakashela UMariya

Wamtshela umyalezo owashintsha ukuphila kwakhe.

Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu

Abelusi abezwa isimemezelo basabela ngokushesha.

UJehova Uvikela UJesu

Inkosi ekhohlakele yayifuna ukuba uJesu abulawe.

UJesu Esemusha

Wabamanga kanjani abafundisi ethempelini?

Izifundo Zezingane EziseBhayibhelini

UJohane wakhula waba umprofethi. Wafundisa ukuthi uMesiya uyeza. Yini abantu abayenza lapho bezwa umyalezo wakhe?