Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Sengxenye 14

Isethulo Sengxenye 14

AmaKristu okuqala ashumayela izindaba ezinhle zoMbuso nasezindaweni ezikude kakhulu zomhlaba. UJesu wawanika umyalo wokuba ashumayele futhi ngokuyisimangaliso wawenza akwazi ukushumayeza abantu ngezilimi zabo. UJehova wawanika isibindi namandla okumelana noshushiso olunzima.

UJesu wanika umphostoli uJohane umbono wenkazimulo kaJehova. Komunye umbono, uJohane wabona uMbuso wasezulwini unqoba uSathane futhi ukuqeda ngokuphelele ukubusa kwakhe. UJohane wabona uJesu ebusa njengeNkosi kanye nababusi abakanye naye abangu-144 000. UJohane wabona umhlaba wonke uba yipharadesi elinabantu abakhonza uJehova ngokuthula nangobunye.

KULE NGXENYE

Abafundi Bathola Umoya Ongcwele

Yimaphi amandla umoya ongcwele obanika wona?

Ayikho Into Eyangabavimba

Abaholi benkolo ababulala uJesu manje bazama ukuvimba abalandeli bakaJesu. Kodwa ngeke bakwazi.

UJesu Ukhetha USawulu

USawulu wayehlukumeza amaKristu ngonya kodwa lokho kwashintsha.

UKorneliyu Uthola Umoya Ongcwele

Kungani uNkulunkulu ethumela uPetru endlini yale ndoda engeyena umJuda?

UbuKristu Busakazekela Emazweni Amaningi

Umphostoli uPawulu ushumayela emazweni akude.

Ujele Uthola Iqiniso

Le ndaba ikhuluma ngedemoni, ukuzamazama komhlaba nenkemba. Funda ukuze uthole.

UPawulu NoThimothewu

Basebenza iminyaka eminingi njengabangane nanjengezikhonzi.

UPawulu Uthunyelwa ERoma

Uhambo lunezingozi eziningi, kodwa abukho ubunzima obungavimba lo mphostoli.

UJohane Uthola IsAmbulo

UJehova umnika imibono echaza lokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo.

“UMbuso Wakho Mawuze”

IsAmbulo sibonisa indlela uMbuso kaNkulunkulu uyoshintsha ngayo ukuphila emhlabeni.