INGOMA 13
UKristu, Isibonelo Sethu
-
1. Yek’ uthando l’kaJah,
As’bonisa lona,
Ngokuthumela iNdodana yakhe.
Yehla njengomuntu,—
Yazalw’ emhlabeni,—
Yasifundisa uk’hloniph’ uJah.
-
2. Wasekel’ uk’phila,
Ngezwi njengesinkwa,
Wahlakanipha ngolwazi nok’qonda,
Ey’nceku kuYise,
Ejabula ngakho,
Esishiyela isibonelo.
-
3. Masidumis’ uJah,
S’phile njengoJesu,
Ukwenza kwakhe sik’lingise njalo.
Ukuphila kwethu
Kube njengokwakhe
Umusa kaJah s’yowazi njalo.
(Bheka noJoh 8:29; Efe. 5:2; Fil. 2:5-7.)