Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGOMA 18

Siyabonga Ngesihlengo

Siyabonga Ngesihlengo

(Luka 22:20)

  1. 1. Manje Nkulunkulu,

    simi phambi kwakho,

    Ngoba wasibonisa

    uthand’ olukhulu.

    Wasiph’ iNdodana yakho

    eyigugu.

    Lesi yisipho es’khulu

    kunazo zonke.

    (CHORUS)

    Wafa ukuze s’khululwe.

    Igaz’ lakhe liyigugu.

    Iz’nhliziyo

    zethu ziyokubonga phakade.

  2. 2. UJesu wazinikela

    ngenxa yethu.

    Ngothando, wanikela

    ngokuphila kwakhe.

    Sasingenathemba yena

    was’sindisa.

    Kodwa manje sinethemba

    ngoba was’fela.

    (CHORUS)

    Wafa ukuze s’khululwe.

    Igaz’ lakhe liyigugu.

    Iz’nhliziyo

    zethu ziyokubonga phakade.