INGOMA 50
Umthandazo Wami Wokuzinikezela
-
1. Thatha inhliziyo yam’
Ithande iqiniso.
Thatha nephimbo lami
Likuhubele njalo.
-
2. Thatha i’nyawo zami,
Nezandla zikukhonze.
Thatha umcebo wami
Ngingek’ godlele lutho.
-
3. Thatha ukuphila kwam’,
Kuvumelane nawe.
Thatha naluqobo lwam,’
Mangikujabulise.
(Bheka neHu. 40:8; Joh. 8:29; 2 Kor. 10:5.)