INGOMA 104
Isipho SikaNkulunkulu Somoya Ongcwele
-
1. Nkosi Jehova, Bab’ onesihe,
Umkhulu k’nez’nhliziyo zethu.
Sisize ezinkingeni zethu,
Usiduduze ngomoya wakho.
-
2. Jehova, sonke siyashiyeka;
Siyachezuka endleleni.
Siyakunxusa: Siphe umoya,
Usiqondise zinsuku zonke.
-
3. Lapho s’dangele, singenamandla,
Umoya uyas’vuselela.
S’nike amandla omoy’ ongcwele;
S’qhubeke sikudumisa njalo.
(Bheka neHu. 51:11; Joh. 14:26; IzE. 9:31.)