INGOMA 132
Sesimunye
-
1. Le inyama yenyama yam’,
Nethambo lamathambo ami.
UJehova ungiphile,
Ozoba ngowami.
Sesimunye;
Futhi manje sesingajabula ndawonye.
Njengoba sesindawonye,
Manje singumkhaya.
S’yokhonza uJah nsuku zonke.
Sizomlingisa,
Siphathane ngothando.
Njengoba nje sifungile.
Sengathi s’ngajabula njalo.
Mas’dumise uJehova,
Uhlal’ ungowami njalo.
(Bheka noGen. 29:18; UmSh. 4:9, 10; 1 Kor. 13:8.)