INGOMA 133
Khonza UJehova Usemusha
-
1. Njengabasha siyigugu kuJah;
Ngokwethembeka siyazikhandla.
Uyasinakekela uMdali
Asibusis’ uma sisaphila.
-
2. Ukuhloniph’ abazali bethu
Kubakhombisa uthando lwethu.
Uma sithandwa uJah nabantu,
Sisondela kuJehova wethu.
-
3. Sikhumbule iNkosi sibasha;
Siqhubeke sithand’ iqiniso.
Uma sizikhandla siyoletha
Ukwethaba kuJehova iNkos’.
(Bheka neHu. 71:17; IsiL. 3:27; Efe. 6:1-3.)