INGOMA 148
UJehova Uyasikhulula
-
1. Jehova unguNkulunkul’ ophilayo.
Im’sebenzi yakho
iyabonakala.
Akekh’ unkulunkulu onjengawe
—akekho,
Ozoqed’ izitha.
(CHORUS)
Jehova, ukhulula abaqotho.
Abantu bakho bayobon’ amandl’ akho.
Ngesibindi siyamdumisa
uJehova.
Ezizweni siphakamis’
igama lakhe.
-
2. Ngicel’ usizo kuwe ebunzimeni,
“Jah ngiphe amandla,
ngiphe nesibindi.”
Ethempelini lakho uyangizwa,
“Ngilonde;
Ngikhulule Nkosi.”
(CHORUS)
Jehova, ukhulula abaqotho.
Abantu bakho bayobon’ amandl’ akho.
Ngesibindi siyamdumisa
uJehova.
Ezizweni siphakamis’
igama lakhe.
-
3. Uzobhonga ngezwi
lakho ezulwini.
Izitha z’yothuka;
iz’nceku z’jabule.
Uyoba yilokho okufunayo;
babone
Uk’khulula kwakho.
(CHORUS)
Jehova, ukhulula abaqotho.
Abantu bakho bayobon’ amandl’ akho.
Ngesibindi siyamdumisa
uJehova.
Ezizweni siphakamis’
igama lakhe.
(Bheka neHu. 18:1, 2; 144:1, 2.)