Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 3

“Ngaqala Ukubona Imibono KaNkulunkulu”

“Ngaqala Ukubona Imibono KaNkulunkulu”

HEZEKELI 1:1

IPHUZU ELIYINHLOKO: Ukuchazwa kafushane kombono kaHezekeli wenqola yasezulwini

1-3. (a) Chaza ukuthi yini uHezekeli ayibonayo nayizwayo. (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yini eyabangela uHezekeli ukuba abone umbono, futhi kwamthinta kanjani?

UHEZEKELI ubuka kude le emathafeni esihlabathi. Uyafifiyela bese evula amehlo. Akakukholwa nakancane akubonayo. Njengoba ebuka, uyabona ukuthi kunesiphepho esikhulu esizayo. Kodwa akusona isiphepho esivamile. Njengoba umoya onamandla ovela enyakatho uphephula izinwele nezingubo zakhe, ubona ifu elikhulu eliphakeme. Ngaphakathi, libanika umlilo futhi ukukhanya kwalo kumkhumbuza insimbi eyigugu encibikilisiwe. * Njengoba ifu lisondela ngokushesha ngakuHezekeli, umsindo uya uba mkhulu nakakhulu—umsindo onjengowebutho elikhulu elihambayo.—Hez. 1:4, 24.

2 Lapho, le nsizwa ineminyaka ecishe ibe ngu-30, ibona umbono wokuqala kweminingi engasoze yayikhohlwa. Izwa “isandla sikaJehova” phezu kwayo, amandla amakhulu omoya ongcwele kaJehova. Lokho umoya ozobangela ukuba ikubone futhi ikuzwe kuzomangalisa kakhulu, kudlule noma yiziphi izimanga ezenziwa emamuvini namuhla. Umbono kaHezekeli uzomshiya eguqe phansi, eshaqekile.—Hez. 1:3, 28.

3 Nokho, uJehova akahlosile nje ukuhlaba umxhwele uHezekeli ngalo mbono. Umbono kaHezekeli wokuqala—njengeminye yaleyo ebhalwe encwadini yesiprofetho sakhe esijabulisayo—unencazelo ejulile, ethinta yena nezinceku ezithembekile zikaJehova namuhla. Ngakho, ake sihlole lokho uHezekeli akubonayo nalokho akuzwayo.

Okwakwenzeka Ngaleso Sikhathi

4, 5. Kwakwenzekani ngesikhathi uHezekeli ethola umbono?

4 Funda uHezekeli 1:1-3. Ake siqale sikhumbule okwakwenzeka ngaleso sikhathi. Kwakuwunyaka ka-613 B.C.E. Njengoba sifundile esahlukweni esidlule, uHezekeli wayeseBhabhiloni ehlala nabantu ayethunjwe nabo ngasemfuleni iKhebari. Kubonakala sengathi lo msele wamanzi wawenziwe abantu, kuhambeka kuwo. Lo msele wawuphuma emfuleni i-Ewufrathe kamuva uhlangane nawo.

UHezekeli wayehlala nezithunjwa ngasemfuleni iKhebari (Bheka isigaba 4)

5 IJerusalema, ikhaya lezithunjwa, laliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-800. * Ithempeli lapho ubaba kaHezekeli ayekhonza khona njengompristi lase liyindawo abantu abenza kuyo inkohlakalo, bekhonza nezithombe. Isihlalo sobukhosi esasiseJerusalema lapho uDavide noSolomoni bake babusa khona ngenkazimulo, manje sase singasahloniphekile. INkosi uJehoyakini eyayingenalo ukholo, yayilapho eBhabhiloni nezithunjwa. UZedekiya, owayilandela esihlalweni sobukhosi, wayengupopayi wenkosi yaseBhabhiloni futhi engumuntu omubi.—2 AmaKh. 24:8-12, 17, 19.

6, 7. Kungani uHezekeli ayengase abe nomuzwa wokuthi uphila ezikhathini ezinzima?

6 Kumuntu onokholo njengoHezekeli kumelwe ukuba lezi kwakuyizikhathi ezinzima kakhulu ekuphileni kwakhe. Abanye ayethunjwe nabo kungenzeka babezibuza: ‘Ingabe uJehova usesishiye unomphela? Ingabe lo mbuso omubi waseBhabhiloni nonkulunkulu bakhona abaningi bamanga, bazoyiqeda ngempela indlela emsulwa yokukhonza uJehova, baqede nokubusa kwakhe emhlabeni?’

7 Unalokho engqondweni, kungani ungaqali isifundo sakho ngokufunda indlela ecacile uHezekeli achaza ngayo umbono wokuqala awubona? (Hez. 1:4-28) Njengoba ufunda, zama ukuzicabanga unguHezekeli, ubona lokho ayekubona, uzwa nalokho ayekuzwa.

Umfula i-Ewufrathe osendaweni eseduze kwaseKharikemishi (Bheka izigaba 5-7)

Inqola Engafani Nezinye

8. Yini uHezekeli ayibona embonweni, futhi yayimelela ini?

8 Kukonke nje, yini uHezekeli ayibona? Wabona okwakubukeka njengenqola enkulu ebabazekayo. Yayinamasondo amane amakhulu, wona ehambisana nezidalwa ezine ezingajwayelekile, kamuva ezachazwa ngokuthi zingamakherubi. (Hez. 10:1) Ngaphezu kwako kwakukhona into endlalekile ewugqinsi, enjengo-ayisi. Ngaphezu kwaleyo nto kukhona isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu esikhazimulayo, kuhleli uJehova uqobo lwakhe! Yayimelelani-ke le nqola? Umbono kaHezekeli ungamelela into eyodwa kuphela: ingxenye esezulwini yenhlangano kaJehova ekhazimulayo. Kungani sisho kanjalo? Cabanga ngezinto ezintathu ezenza siphethe kanjalo.

9. Ubuhlobo bukaJehova nezidalwa zakhe zasezulwini bufana kanjani nencazelo yenqola?

9 Ubuhlobo bukaJehova nezidalwa zakhe zasezulwini. Kulo mbono, phawula ukuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova singaphezu kwamakherubi. Kwezinye izingxenye zeZwi likaNkulunkulu, uJehova uchazwa ngendlela efanayo ngokuthi uhleli esihlalweni sobukhosi ngaphezu noma phakathi kwamakherubi akhe. (Funda eyesi-2 AmaKhosi 19:15; Eks. 25:22; IHu. 80:1) Yiqiniso, akahleli ngokoqobo phezu kwamakherubi akhe, njengokungathi udinga ukuthwalwa yilezo zidalwa zomoya ezinamandla, njengoba nje kungadingeki agibele nenqola engokoqobo. Kodwa amakherubi asekela ubukhosi bakhe, futhi angawathuma nomaphi ukuze enze intando yakhe ezulwini nasemhlabeni. Njengazo zonke izingelosi zikaNkulunkulu ezingcwele, amakherubi enza lokho uJehova akunqumile njengezikhonzi zakhe noma amanxusa. (IHu. 104:4) Ngalowo mqondo, kuba sengathi uJehova uzigibele zonke izingelosi, eziqondisa njengoMbusi wazo njengokungathi zakha inqola eyodwa enkulu.

10. Yini esikisela ukuthi inqola yasezulwini inamakherubi angaphezu kwamane?

10 Le nqola ayimeleli nje amakherubi kuphela. UHezekeli wabona amakherubi amane. EBhayibhelini leso sibalo sivame ukusetshenziswa lapho kuchazwa ukulingana noma ukuphelela kwento kungasali lutho. Ngakho-ke, ukuba khona kwamakherubi amane kusikisela ukuthi wonke amadodana kaJehova omoya athembekile amelelwe. Phawula nokuthi amasondo, ngisho namakherubi uqobo, agcwele amehlo, okusikisela ukuqapha okukhulu kwezidalwa zomoya ezingaphezu kwezine okukhulunywe ngazo. Incazelo kaHezekeli yale nqola isikisela ukuthi inkulu kakhulu, yenza ngisho nala makherubi amakhulu abukeke emancane. (Hez. 1:18, 22; 10:12) Ngokufanayo, ingxenye esezulwini yenhlangano kaJehova inkulu kakhulu, inamakherubi angaphezu kwamane.

UHezekeli wamangazwa ukubona inqola kaJehova yasezulwini (Bheka izigaba 8-10)

11. Yimuphi umbono ofanayo uDaniyeli awuthola, futhi usenza siphethe ngokuthini?

11 Umbono kaDaniyeli ofanayo wezulu. Umprofethi uDaniyeli owahlala iminyaka eminingi ethunjiwe edolobheni laseBhabhiloni naye wanikezwa umbono wezulu. Kuyaphawuleka ukuthi nakulo mbono, isihlalo sobukhosi sikaJehova sasinamasondo. Umbono kaDaniyeli wawugxile ebukhulwini bomndeni kaJehova womoya wasezulwini. UDaniyeli wabona “izinkulungwane eziyinkulungwane . . . nezinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi” zamadodana kaNkulunkulu omoya, zimi phambi kukaJehova. Ayehleli njengeNkantolo yasezulwini, kubonakala sengathi ngayinye yayihleli endaweni ebekwe kuyo. (Dan. 7:9, 10, 13-18) Akubonakali yini kunengqondo ukuphetha ngokuthi umbono kaHezekeli wawumelela zona lezi zidalwa zomoya ezikhazimulayo?

12. Kungani kusivikela ukufunda izifundo ezinjengalezo ezisembonweni kaHezekeli wenqola yasezulwini?

12 UJehova uyazi ukuthi kuyasivikela thina bantu ukugxilisa izingqondo zethu kulokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi ‘izinto ezingabonwa.’ Kungani? Njengoba siyizidalwa zenyama negazi, sithanda ukugxila kakhulu ‘ezintweni ezibonwayo,’ eziyizinkathazo zethu zesikhashana. (Funda eyesi-2 Korinte 4:18.) USathane uvame ukusizakala ngalokho, ufuna ukusenza sibe abantu abagxile ezintweni zenyama. Ukuze uJehova asisize silwe nalokho, ngothando usinikeza izifundo ezinjengalesi esisesiprofethweni sikaHezekeli, esisinikeza izikhumbuzo ezimnandi zobukhulu bomndeni kaJehova wasezulwini!

“Masondo!”

13, 14. (a) UHezekeli wawachaza kanjani amasondo awabona? (b) Kungani kufaneleka ukuba kuthiwe inqola kaJehova inamasondo?

13 Ekuqaleni uHezekeli wagxila emakherubini amane futhi eSahlukweni 4 sale ncwadi sizobona ukuthi lezo zidalwa nokwakheka kwazo, kusifundisani ngoJehova. Nokho uHezekeli wabona amasondo amane eseceleni kwalawo makherubi, ngokusobala esemakhoneni amane akha isikwele esikhulu. (Funda uHezekeli 1:16-18.) Kubonakala sengathi ayenziwe ngekhrisolithe, itshe eliyigugu elikhanya ngale elinombala ophuzi noma ophuzi ngokuluhlaza. La masondo amahle ayecwebezela.

14 Umbono kaHezekeli wawugxile kakhulu emasondweni enqola. Ukuhlotshaniswa kwalezi zinto akuvamile, akunjalo? Isihlalo sobukhosi esinamasondo! Singase sicabange ukuthi isihlalo sobukhosi siba sendaweni eyodwa, futhi kube kufanele ngoba ithonya lamakhosi asemhlabeni lihamba lihambe liphele. Kodwa ubukhosi bukaJehova buhluke kakhulu kunokubusa kwabantu. Njengoba uHezekeli ayesezokufunda lokhu, amandla obukhosi bukaJehova awapheli. (Neh. 9:6) Lo Mbusi angalisebenzisa noma kuphi igunya lakhe!

15. Yini uHezekeli ayiphawula ngokwakheka nangobukhulu bamasondo?

15 UHezekeli wakhexa lapho ebona ubukhulu bamasondo. Wabhala: “Izinsimbi zawo zaziphakeme kakhulu ngendlela emangalisayo.” Singase simbone ngeso lengqondo uHezekeli ephakamisa ikhanda ebuka lezo zinsimbi ezinkulu, ezicwebezelayo, eziphakama ziye phezulu. Wabe esenezela nale nto emangalisayo: “Izinsimbi zawo womane [amasondo] zazigcwele amehlo yonke indawo.” Mhlawumbe okumangalisa kunakho konke yindlela engavamile amasondo ayakheke ngayo. Wachaza: “Ukubukeka nokwakheka kwawo kwakubonakala sengathi isondo liphakathi kwelinye isondo.” Kwakusho ukuthini lokho?

16, 17. (a) Kusho ukuthini ukuthi isondo ngalinye lenqola liphakathi kwelinye isondo? (b) Amasondo embulani ngendlela inqola kaJehova ehamba ngayo?

16 Ngokusobala isondo ngalinye uHezekeli ayelibona, empeleni kwakungamasondo amabili ahlanganisiwe, isondo ngalinye lifakwe kwelinye, ama ngendlela efanele, ayesehlanganiswa ngensimbi eyodwa. Yingakho la masondo ayehamba ngendlela uHezekeli achaza ngayo: “Lapho ehamba, ayekwazi ukuya nomaphi ezinhlangothini ezine kodwa angaphenduki,” noma angajiki. La masondo asikiselani ngenqola yasezulwini uHezekeli ayibona?

17 Amasondo aphakeme kakhulu kangako ayehlanganisa ibanga elikhulu ngokuphenduka kanye nje. Empeleni lo mbono usikisela ukuthi le nqola yayihamba ngejubane njengombani. (Hez. 1:14) Onjiniyela bangathanda ukwenza amasondo anjengalawo kodwa abakwazi. Le nqola ingaya nomaphi ngaphandle kokunciphisa ijubane noma ngisho nokujika. Kodwa akukona ukuthi ayiboni njengoba ihamba. Amehlo agcwele kulezi zinsimbi zamasondo akuveza ngokucacile ukuthi le nqola ikubona kahle konke okuyizungezile.

Amasondo ayemakhulu ngendlela emangalisayo futhi ehamba ngesivinini esikhulu (Bheka isigaba 17)

18. Sifundani ngobukhulu obumangalisayo bamasondo nangamehlo agcwele kuwo?

18 Yini-ke uJehova ayeyifundisa uHezekeli nabo bonke abantu abathembekile, ngengxenye esezulwini yenhlangano yakhe? Cabanga ngalokho esisakufundile kuze kube manje. Iyakhazimula futhi iyamangalisa, njengoba kuboniswa amasondo acwebezelayo enqola nobukhulu bawo. Ibona yonke into, njengoba kuboniswa amehlo agcwele emasondweni. Amehlo kaJehova nawo abona yonke into. (IzAga 15:3; Jer. 23:24) Ngaphezu kwalokho, kunezingelosi eziyizinceku eziningi eziyizigidi angazithuma noma kuphi emhlabeni noma ezulwini futhi zingakwazi ukubona izinto bese zibuyisela umbiko kuMbusi wazo.—Funda eyamaHebheru 1:13, 14.

Indlela amasondo akheke ngayo ibonisa ukuthi akwazi ukuya noma kuphi (Bheka izigaba 17, 19)

19. Isivinini senqola kaJehova nokuhamba kwayo iye noma kuphi, kusifundisani ngoJehova nangengxenye esezulwini yenhlangano yakhe?

19 Ngaphezu kwalokho, siyabona ukuthi le nqola ihamba ngesivinini esikhulu futhi iya noma kuphi lapho kufanele iye khona. Cabanga nje ngomahluko okhona phakathi kwengxenye esezulwini yenhlangano kaJehova nohulumeni babantu nezinhlangano zabo. Abakwazi ukuqeda izinkinga zomhlaba futhi abakwazi ukuzivumelanisa nezimo ezishintshayo. Ngenxa yalokho, ngeke baphumelele futhi bazobhujiswa. Kodwa inqola kaJehova ikuveza kahle ukucabangela nokuzivumelanisa nezimo kukaNkulunkulu oyiqondisayo. Njengoba negama lakhe lisho, angaba yinoma yini edingekayo ukuze afeze injongo yakhe. (Eks. 3:13, 14) Ngokwesibonelo, angashintsha ngokushesha abe yiqhawe elinamandla elilwela abantu balo. Kodwa futhi angashintsha ngokushesha abe uMthetheleli wezono onesihe onakekela, avuselele ngisho nezoni eziphukile emoyeni uma ziphenduka.—IHu. 30:5; Isaya 66:13.

20. Kungani inqola kaJehova kufanele isimangaze?

20 Kuleli qophelo, umbono kaHezekeli ungase usenze sizibuze, ‘Ingabe inqola kaJehova iyangimangaza ngempela?’ Kudingeka sikhumbule ukuthi le nqola iyahamba njengamanje. Akufanele nanini sicabange ukuthi uJehova, iNdodana yakhe, nazo zonke izingelosi abayiboni inkinga ethile esidikibalisayo. Akufanele sikhathazeke nangokuthi uNkulunkulu uzokwephuza ukusinika izidingo zethu, noma sicabange ukuthi inhlangano yakhe izohluleka ukuzivumelanisa nenselele entsha ephakamayo kuleli zwe elinezinxushunxushu. Kuhle ukukhumbula ukuthi inhlangano kaJehova inabantu abakhuthele, ihlale ihamba. Empeleni uHezekeli wezwa izwi livela ezulwini limemeza lithi: “Masondo!”—ngokusobala okuwumyalo wokuba amasondo alungele ukuhamba. (Hez. 10:13) Akumangazi yini ukucabanga ngendlela uJehova ahambisa ngayo inhlangano yakhe? Noma kunjalo, udumo olukhulu kakhulu kufanele silunikeze uJehova.

Lowo Oyiqondisayo

21, 22. Yini ehlanganisa izingxenye zenqola zingahlukani?

21 UHezekeli akabange esabuka amasondo kodwa wabuka ngaphezu kwawo, lapho abona khona ‘okufana nomkhathi okucwebezela njengeqhwa elimangalisayo.’ (Hez. 1:22) Ngaphezulu impela kwamakhanda amakherubi, kwendlaleka okuthile okufana nomkhathi, kubenyezela inkazimulo. Kuleli qophelo, umfundi oyiqondayo indlela imishini esebenza ngayo angase abe nemibuzo eminingi ngale nqola. Ngokwesibonelo, abanye bangase bazibuze: ‘Yini ebambe ugqinsi olufana neqhwa oluphezu kwamasondo? Amasondo angasebenza kanjani ingekho insimbi ewahlanganisayo womane?’ Khumbula ukuthi le nqola ayibuswa imithetho yesayensi ngoba ingokomfanekiso, ibonisa lokho okwenzeka endaweni yomoya. Phawula nala magama ayinhloko: “Umoya osebenza ezidalweni eziphilayo wawusebenza nasemasondweni.” (Hez. 1:20, 21) Yimuphi lowo moya owawusebenza kumakherubi nasemasondweni?

22 Akungabazeki ukuthi kwakuwumoya ongcwele kaJehova, amandla amakhulu kakhulu emhlabeni nasezulwini. La mandla asebenzayo enza le nqola ingahlukani, ayifake amandla futhi aqondise ukuhamba kwayo ngendlela eshelelayo. Sinalokho engqondweni, ake silandele uHezekeli njengoba esebuka Lowo oyiqondisayo inqola.

UHezekeli kwadingeka athole amagama okuchaza lokho akubona okwakungachazeki

23. UHezekeli usebenzisa maphi amagama ukuze azame ukuchaza uJehova, futhi kungani?

23 Funda uHezekeli 1:26-28. Kuyo yonke incazelo yakhe yalo mbono, uHezekeli ngokuvamile usebenzisa amagama athi “kufana” nelithi “kubukeka.” Kodwa kula mavesi uwasebenzisa kaningi la magama. Uzama ukuthola amagama akuchaza kahle lokho ayekubona okwakungachazeki. Wabona “okwakubukeka njengetshe lesafire, kufana nesihlalo sobukhosi.” Ungakwazi yini ukusibona ngeso lengqondo isihlalo sobukhosi senziwe ngesafire elikhulu eliluhlaza cwe? KwakunoThile owayehlezi phezu kwaso. “Wayebukeka njengomuntu.”

24, 25. (a) Uthingo oluzungeze isihlalo sobukhosi sikaJehova lusikhumbuzani? (b) Ngezinye izikhathi imibono enjalo yayiwathinta kanjani amadoda okholo?

24 Lo muntu ophakeme owayehlezi esihlalweni wayengabonakali kahle ngoba uJehova wayenamalangabi enkazimulo kusukela okhalweni kwehle nasokhalweni kuye phezulu. Singase simbone ngeso lengqondo umprofethi efifiyela, ecikica amehlo njengoba ebuka lokho okukhazimulayo. Ekugcineni uHezekeli wabona le nto enhle kakhulu embonweni: “Wayezungezwe ukukhanya okukhulu okunjengokothingo olusefwini ngosuku lwemvula.” Wake wazizwa ujabula lapho ubona uthingo? Yeka ukuthi luyisikhumbuzo esicace kanjani senkazimulo yoMdali wethu! Lolo thingo olumbalabala esibhakabhakeni lungasikhumbuza ngesivumelwano sikaJehova sokuthula ngemva kukaZamcolo. (Gen. 9:11-16) Nakuba uMninimandla Onke enamandla, kodwa unguNkulunkulu wokuthula. (Heb. 13:20) Ukuthula kubusa enhliziyweni yakhe, futhi kusabalalela kubo bonke abamkhonza ngokwethembeka.

Uthingo olukhazimulayo oluzungeze isihlalo sobukhosi sikaJehova lusikhumbuza ukuthi sikhonza uNkulunkulu wokuthula (Bheka isigaba 24)

25 Waba yini umphumela wokubona inkazimulo kaJehova uNkulunkulu? UHezekeli wakubhala lokho okwenzeka: “Lapho ngikubona, ngaguqa ngakhothama.” Egajwe ukumangala nokwesaba uNkulunkulu, uHezekeli waguqa phansi. Abanye abaprofethi benza ngendlela efanayo lapho bethola imibono evela kuJehova. Lokho okwabehlela kumelwe ukuba kwabathobisa kakhulu, kwabaqeda ngisho namandla. (Isaya 6:1-5; Dan. 10:8, 9; IsAm. 1:12-17) Nokho, ngokuhamba kwesikhathi lawo madoda kwakuwaqinisa kakhulu lokho uJehova ayewambulela kona. UHezekeli naye kwamqinisa ngempela. Kufanele sithinteke kanjani-ke thina uma sifunda izindaba eziseBhayibhelini ezifana nalezi?

26. Umbono kaHezekeli kumelwe ukuba wamqinisa kanjani?

26 Uma uHezekeli ayenokungabaza noma engaqiniseki ngesimo sabantu bakaNkulunkulu eBhabhiloni, lowo mbono kumelwe ukuba wamqinisa. Kuyacaca ukuthi akunandaba ukuthi abantu bakaNkulunkulu abathembekile babeseJerusalema noma eBhabhiloni noma kwenye indawo. Kwakungeke kwenzeke ukuba inqola kaJehova emangalisayo ingababoni. Yimaphi amandla kaSathane angamelana noNkulunkulu oqondisa inhlangano yasezulwini ekhazimulayo? (Funda iHubo 118:6.) UHezekeli wabona nokuthi le nqola yasezulwini yayingekude nabantu. Phela amasondo ayo ayehamba emhlabeni! (Hez. 1:19) Ngakho uJehova wayebathanda abantu bakhe abathembekile ababedingisiwe. Babeyohlale bekuthola ukunakekela kothando kukaYise!

Wena Nenqola

27. Umbono kaHezekeli unayiphi incazelo kithi namuhla?

27 Ingabe umbono kaHezekeli unencazelo kithi namuhla? Kunjalo. Khumbula, uSathane uhlela ukuyihlasela nakakhulu indlela emsulwa yokukhonza uJehova. Angathanda ukusenza sikholwe ukuthi asinamuntu, sishiywe dengwane nokuthi uBaba osezulwini nenhlangano yakhe abanandaba nathi. Ungalokothi uvumele lawo manga athinte indlela ocabanga ngayo nozizwa ngayo! (IHu. 139:7-12) NjengoHezekeli, sinazo zonke izizathu zokumangala. Singase singaguqi phansi njengoba enza. Nokho, akufanele yini simangazwe amandla, isivinini, ukuqondiseka kalula, ukuzivumelanisa nezimo nenkazimulo yengxenye esezulwini yenhlangano kaJehova yendawo yonke?

28, 29. Yini ebonisa ukuthi inqola kaJehova ibilokhu ihamba phakathi neminyaka eyikhulu edlule?

28 Khumbula nokuthi inhlangano kaJehova inengxenye esemhlabeni. Kuyavunywa ukuthi le ngxenye esemhlabeni yakhiwa abantu abanesono. Kodwa cabanga ngalokho uJehova asekufezile lapha emhlabeni. UJehova usize abantu emhlabeni wonke ukuba benze ababengeke bakwazi ukukwenza ngokwabo. (Joh. 14:12) Ukuphenya nje amakhasi encwadi ethi UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa! kungasikhumbuza ngomsebenzi wokushumayela omangalisayo owenziwa eminyakeni eyikhulu edlule. Singase sikhumbule nalokho inhlangano kaJehova ekwenzile ukuze ifundise amaKristu eqiniso, inqobe kwezomthetho, isebenzise nezobuchwepheshe bakamuva ukuze ifeze intando kaNkulunkulu!

29 Uma sicabanga ngakho konke okwenziwe ngokuqondene nokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu phakathi nalezi zinsuku zokugcina zesimiso sezinto esonakele, kukhanya nakakhulu ukuthi inqola kaJehova ibilokhu ihamba. Yeka ilungelo esinalo lokuba yingxenye yale nhlangano nokukhonza uMbusi onjengalo!—IHu. 84:10.

Ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova ihlale ihamba (Bheka izigaba 28, 29)

30. Yini esizoyifunda esahlukweni esilandelayo?

30 Nokho, umbono kaHezekeli usazosifundisa okuningi. Esahlukweni esilandelayo sizobukisisa lezo “zidalwa eziphilayo” ezine eziphawulekayo noma amakherubi. Zingasifundisani ngoMbusi wethu okhazimulayo uJehova uNkulunkulu?

^ par. 1 UHezekeli wayekhuluma ngesiliva elixutshwe negolide.

^ par. 5 Kwakuyibanga eliqondile leli, kodwa indlela izithunjwa okungenzeka ukuthi zahamba ngayo cishe yayiliphinda kabili leli banga.