Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 7

Izizwe ‘Zizokwazi Ukuthi NginguJehova’

Izizwe ‘Zizokwazi Ukuthi NginguJehova’

HEZEKELI 25:17

IPHUZU ELIYINHLOKO: Lokho esikufundayo ekusebenzelaneni kuka-Israyeli nezizwe ezangcolisa igama likaJehova

1, 2. (a) U-Israyeli wayefana kanjani nemvu ezungezwe izimpisi? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yini u-Israyeli namakhosi akhe ababeyivumele ukuba yenzeke?

KWASE kuphele amakhulu eminyaka u-Israyeli efana nemvu ezungezwe yizimpisi. Emngceleni wakhe ongasempumalanga, u-Israyeli wayesongelwa ama-Amoni, abakwaMowabi nabakwa-Edomi. Ngasentshonalanga kwakukhona amaFilisti ayelokhu eyizitha zika-Israyeli. Enyakatho kwakunedolobha laseThire elalicebile futhi liyisikhungo esinamandla sezentengiselwano. IGibhithe lona lalingaseningizimu, libuswa uFaro owayeyinkosi nonkulunkulu walo.

2 Lapho ama-Israyeli ethembela kuJehova, wayewavikela ezitheni zawo. Nokho, izikhathi eziningi abantu bakhe namakhosi abo babezivumela ukuba bonakaliswe izizwe ezazibazungezile. U-Ahabi wayengenye yalawo makhosi asaba abantu futhi athonyeka kalula. Wayephila ngesikhathi esisodwa neNkosi uJehoshafati yakwaJuda, kodwa yena ebusa umbuso wezizwe eziyishumi zakwa-Israyeli. Washada nendodakazi yenkosi engumSidoni eyayibusa idolobha elichumayo laseThire. Lo wesifazane okuthiwa uJezebeli wayeshiseka ekukhuthazeni ukuba kukhonzwe uBhali kwa-Israyeli, futhi wathonya umyeni wakhe ukuba angcolise indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu ngendlela eyayingakaze ingcoliswe ngayo ngaphambili.—1 AmaKh. 16:30-33; 18:4, 19.

3, 4. (a) UHezekeli ube esekhuluma ngobani manje? (b) Yimiphi imibuzo esizoyiphendula?

3 UJehova wayebaxwayisile abantu bakhe ngemiphumela eyayizoba khona uma bengabi qotho kuye. Manje wayeseyekile ukubabekezelela. (Jer. 21:7, 10; Hez. 5:7-9) Ngo-609 B.C.E., ibutho laseBhabhiloni labuyela eZweni Lesithembiso okwesithathu. Kwase kuphele iminyaka eyishumi lagcina ukubahlasela. Kulokhu, lalizodiliza izindonga zeJerusalema libulale labo abavukela uNebukhadinezari. Njengoba ukuvinjezelwa kuqala neziprofetho zikaHezekeli zigcwaliseka ngendlela edabukisayo, lo mprofethi wabe esebikezela lokho okwakuzokwenzeka ezizweni ezazizungeze iZwe Lesithembiso.

Izizwe ezazingcolise igama likaJehova zazingeke ziyibalekele imiphumela yezenzo zazo

4 UJehova wakuveza kuHezekeli ukuthi izitha zikaJuda zaziyojabula lapho iJerusalema libhujiswa futhi zaziyohlukumeza ababeyobe besindile. Kodwa izizwe ezazingcolise igama likaJehova, zahlupha abantu bakhe noma zabonakalisa, zazingeke ziyibalekele imiphumela yezenzo zazo. Yiziphi izifundo esingazifunda ekusebenzelaneni kuka-Israyeli nalezo zizwe? Iziprofetho zikaHezekeli mayelana nalezo zizwe zisinikeza kanjani ithemba namuhla?

Izihlobo Zika-Israyeli ‘Ezamdelela Futhi Zambhuqa’

5, 6. Ama-Israyeli ayehlobene kanjani nabakwa-Amoni, futhi bawaphatha kanjani ama-Israyeli?

5 Abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabakwa-Edomi babefana nezihlobo zika-Israyeli. Naphezu kokuhlobana kwalezo zizwe nama-Israyeli nokuba nomlando omude nawo, kwaphela isikhathi eside zizonda abantu bakaNkulunkulu zibaphatha ‘ngendelelo futhi zibabhuqa.’—Hez. 25:6.

6 Cabanga ngabakwa-Amoni. Babezalwa indodakazi encane kaLoti, umshana ka-Abrahama. (Gen. 19:38) Ulimi ababelukhuluma lwaluthi alufane nesiHebheru, kangangokuba kungenzeka ukuthi abantu bakaNkulunkulu babekwazi ukuluqonda. Ngenxa yalobo buhlobo, uJehova watshela ama-Israyeli ukuba angalwi nabakwa-Amoni. (Dut. 2:19) Nokho, ezinsukwini zabaHluleli abakwa-Amoni bahlangana nenkosi yakwaMowabi u-Egiloni bacindezela u-Israyeli. (AbaHl. 3:12-15, 27-30) Kamuva lapho uSawule eseyinkosi, abakwa-Amoni bahlasela u-Israyeli. (1 Sam. 11:1-4) Ezinsukwini zeNkosi uJehoshafati baphinde bahlangana namabutho akwaMowabi bahlasela iZwe Lesithembiso.—2 IziKr. 20:1, 2.

7. AbakwaMowabi baziphatha kanjani izihlobo zabo ezaziyinzalo ka-Israyeli?

7 AbakwaMowabi nabo babeyisizukulwane sikaLoti, kodwa bona bezalwa indodakazi endala. (Gen. 19:36, 37) UJehova watshela ama-Israyeli ukuba angalwi noMowabi. (Dut. 2:9) Kodwa abakwaMowabi abazange bawabonise umusa ama-Israyeli. Kunokuba basize izihlobo zabo ezazibalekela ubugqila eGibhithe, bazama ukuzivimba ukuba zingangeni eZweni Lesithembiso. Inkosi yakwaMowabi uBhalaki yaqasha uBhalami ukuba aqalekise ama-Israyeli futhi uBhalami wafundisa uBhalaki indlela yokuyenga amadoda akwa-Israyeli ukuba aziphathe kabi ngokocansi, akhonze nezithombe. (Num. 22:1-8; 25:1-9; IsAm. 2:14) Kwaphela iminyaka eminingi abakwaMowabi belokhu becindezela izihlobo zabo, kwaze kwaba sosukwini lukaHezekeli.—2 AmaKh. 24:1, 2.

8. Kungani uJehova athi u-Edomi wayengumfowabo ka-Israyeli, kodwa yini abayenza abakwa-Edomi?

8 Abakwa-Edomi babeyinzalo yewele likaJakobe u-Esawu. Babesondelene kakhulu nama-Israyeli kangangokuba uJehova wathi abakwa-Edomi bangabafowabo bama-Israyeli. (Dut. 2:1-5; 23:7, 8) Noma kunjalo, abakwa-Edomi bamelana nama-Israyeli kusukela ngesikhathi sokuFuduka kwawo kuze kube sekubhujisweni kweJerusalema ngo-607 B.C.E. (Num. 20:14, 18; Hez. 25:12) Ngaleso sikhathi abakwa-Edomi abagcinanga nje ngokujabula lapho ama-Israyeli ehlupheka nokuncenga abaseBhabhiloni ukuba babhubhise iJerusalema, kodwa futhi bavimba ama-Israyeli ayebaleka, bawanikela ezitheni zawo.—IHu. 137:7; Obad. 11, 14.

9, 10. (a) Kwenzekani ku-Amoni, uMowabi no-Edomi? (b) Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi akubona bonke abantu bakulezo zizwe ababewaphatha kabi ama-Israyeli?

9 UJehova wabheka zonke lezo zizwe ezaziyizihlobo zika-Israyeli njengezinecala ngendlela ezaziphathe ngayo abantu bakhe. Wathi: ‘Ngizonikela ngabakwa-Amoni kubantu baseMpumalanga ukuze abakwa-Amoni bangakhunjulwa phakathi kwezizwe.’ Waphinde wathi: “Ngizokwahlulela abakwaMowabi, bazokwazi ukuthi nginguJehova.” (Hez. 25:10, 11) Eminyakeni emihlanu ngemva kokuba iJerusalema liwile, lezo ziprofetho zaqala ukugcwaliseka lapho abaseBhabhiloni benqoba u-Amoni noMowabi. Ngokuphathelene no-Edomi, uJehova wathi ‘uyonquma khona kokubili umuntu nemfuyo, amenze incithakalo.’ (Hez. 25:13) Njengoba kwakubikezelwe, u-Amoni, uMowabi no-Edomi bagcina bengasekho.—Jer. 9:25, 26; 48:42; 49:17, 18.

10 Nokho, akubona bonke abantu kulezo zizwe ababebaphatha kabi abantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uZeleki umAmoni no-Ithima umMowabi babalwa phakathi kwamaqhawe anamandla eNkosi uDavide. (1 IziKr. 11:26, 39, 46; 12:1) URuthe, owesifazane wakwaMowabi, naye wakhonza uJehova ngobuqotho.—Ruthe 1:4, 16, 17.

Ungalokothi uchezuke ngisho nakancane emithethweni kaNkulunkulu

11. Yini esingayifunda ekusebenzelaneni kuka-Israyeli nabakwa-Amoni, abakwaMowabi nabakwa-Edomi?

11 Yiziphi izifundo esingazifunda endleleni u-Israyeli asebenzelana ngayo nalezo zizwe? Esokuqala: Lapho ama-Israyeli evumela ukuba izihlobo zawo ziwathonye, aqala ukukhonza onkulunkulu abanjengoBhali wasePheyori wabakwaMowabi nonkulunkulu wama-Amoni uMoleki. (Num. 25:1-3; 1 AmaKh. 11:7) Kungenzeka okufanayo nakithi. Singase sicindezelwe izihlobo ezingakholwa ukuba singanamatheli emithethweni kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, zingase zingaqondi ukuthi kungani singawagubhi ama-Easter, singaphani izipho ngoKhisimusi, noma singahlanganyeli emasikweni athandwayo ahlobene nezinkolelo zamanga. Zinezinhloso ezinhle, zingase zizame ukusenza singanamatheli emithethweni kaNkulunkulu ngisho kancane nje. Akuve kubalulekile ukuba singakuvumeli lokho! Njengoba umlando ka-Israyeli ubonisa, ngisho nokuchezuka kancane nje emithethweni kaNkulunkulu kungalimaza ubuhlobo bethu naye.

12, 13. Yikuphi ukuphikiswa esingase sikuthole, kodwa yini engenzeka uma sihlala siqotho?

12 Sikhona nesinye isifundo esingasifunda ekusebenzelaneni kuka-Israyeli no-Amoni, uMowabi no-Edomi. Amalungu omndeni angakholwa angase asiphikise kakhulu. UJesu waxwayisa ngokuthi ngezinye izikhathi umyalezo esiwushumayelayo ‘uzobangela ukuhlukana, umuntu amelane noyise, nendodakazi imelane nonina.’ (Math. 10:35, 36) UJehova wayala ama-Israyeli ukuba angalwi nezihlobo zawo. Asifuni ukuxabana namalungu emindeni yethu angakholwa. Kodwa akufanele simangale lapho siphikiswa.—2 Thim. 3:12.

13 Ngisho noma izihlobo zethu zingakuphikisi ngokuqondile ukukhonza kwethu uJehova, akumelwe sizivumele zibe nethonya kithi elingaphezu kwalelo uJehova analo kithi. Kungani? Ngoba nguJehova okufanele abaluleke kunakho konke okunye enhliziyweni yethu. (Funda uMathewu 10:37.) Ngaphezu kwalokho, uma sihlala siqotho kuJehova, ezinye zezihlobo zethu zingase zifane noZeleki, u-Ithima noRuthe, zihlanganyele nathi ekukhonzeni uNkulunkulu ngendlela emsulwa. (1 Thim. 4:16) Nazo ziyojabulela ukukhonza okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso zithole uthando lwakhe nesivikelo sakhe.

Izitha ZikaJehova Zathola ‘Izijeziso Ezinonya’

14, 15. AmaFilisti ayewaphatha kanjani ama-Israyeli?

14 AmaFilisti ayesuke esiqhingini saseKrethe aya ezweni uJehova kamuva alithembisa u-Abrahama nenzalo yakhe. Bobabili u-Abrahama no-Isaka basebenzelana nalaba bantu. (Gen. 21:29-32; 26:1) Ngesikhathi ama-Israyeli engena eZweni Lesithembiso, amaFilisti ayeseyisizwe esinamandla esinebutho lempi elesabekayo. Ayekhonza onkulunkulu bamanga abanjengoBhali-zebhubhe noDagoni. (1 Sam. 5:1-4; 2 AmaKh. 1:2, 3) Ngezinye izikhathi u-Israyeli wayehlanganyela ekukhonzeni lab’ onkulunkulu.—AbaHl. 10:6.

15 Ngenxa yokungathembeki kuka-Israyeli, uJehova wavumela amaFilisti ukuba abuse abantu bakhe iminyaka eminingi. (AbaHl. 10:7, 8; Hez. 25:15) Abekela ama-Israyeli imithetho ecindezelayo * abulala namanye amaningi. (1 Sam. 4:10) Nokho lapho u-Israyeli ephenduka futhi ebuyela kuJehova, wayemkhulula. Wayebangela ukuba amadoda anjengoSamsoni, uSawule noDavide akhulule abantu bakhe. (AbaHl. 13:5, 24; 1 Sam. 9:15-17; 18:6, 7) Njengoba uHezekeli abikezela, amaFilisti athola ‘izijeziso ezinonya’ lapho abaseBhabhiloni, kamuva namaGreki, behlasela izwe lawo.—Hez. 25:15-17.

16, 17. Yiziphi izifundo esingazifunda ekusebenzelaneni kuka-Israyeli namaFilisti?

16 Yiziphi izifundo esingazifunda endleleni u-Israyeli asebenzelana ngayo namaFilisti? Abantu bakaJehova namuhla baye baphikiswa eminye yemibuso enamandla kunayo yonke eke yabusa abantu. Ngokungafani no-Israyeli siye salondoloza umlando wokuhlala siqotho kuJehova. Noma kunjalo, izitha ezimelene nendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu zingase zibonakale ziphumelela ngezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kwenkathi yeminyaka ephakathi kuka-1901 no-2000, uhulumeni wase-United States wazama ukumisa umsebenzi wabantu bakaJehova ngokunikeza labo ababehola enhlanganweni isigwebo seminyaka engu-20 besejele. Phakathi nempi yezwe yesibili iqembu lamaNazi eJalimane lazama ukuqothula abantu bakaNkulunkulu, labopha izinkulungwane zabo labulala namakhulu amaningi kubo. Ngemva kwaleyo mpi iSoviet Union yaqala umkhankaso wokulwa noFakazi BakaJehova, yathumela abafowethu emakamu okusetshenzwa kanzima kuwo noma yabadingisela ezindaweni ezikude.

17 Ohulumeni bangase baqhubeke bavimbe umsebenzi wokushumayela, babophe abantu bakaNkulunkulu, baze babulale nabanye kithi. Ingabe lokhu kufanele kusenze sesabe noma siphelelwe ukholo? Cha! UJehova uzobalondoloza abantu bakhe abaqotho. (Funda uMathewu 10:28-31.) Sibabonile ohulumeni abanamandla ababecindezela abantu beshabalala, kuyilapho abantu bakaNkulunkulu beqhubeka bechuma. Maduze bonke ohulumeni babantu bayoba nesiphetho esifana nesamaFilisti, bayophoqeleka ukuba bamazi uJehova. NjengamaFilisti, ngeke besaba khona!

‘Ingcebo Eningi’ Ayizange Ibe Yisivikelo

18. IThire laliyisikhungo sani?

18 Idolobha lasendulo laseThire * lalingesinye sezikhungo ezinkulu zentengiselwano zakudala. Ngasentshonalanga iThire lalinezindlela eziningi elalihamba ngazo oLwandle LwaseMedithera, liyohweba namanye amazwe. Nangasempumalanga abaseThire babenezindlela eziningi ababezihamba beyohweba nemibuso ekude. Kwaphela amakhulu eminyaka iThire lilokhu linezela engcebweni eliyithola kulezi zindawo ezikude. Abathengisi nabahwebi bakule ndawo baceba kangangokuthi babezibheka njengezikhulu.—Isaya 23:8.

19, 20. Abantu baseThire babehluke kanjani kwabaseGibheyoni?

19 Ngesikhathi kubusa iNkosi uDavide neNkosi uSolomoni, u-Israyeli wayenobuhlobo obuseduze nabaseThire. Baletha izinto zokwakha namadoda anekhono lokwakha ukuze kwakhiwe isigodlo sikaDavide kanye nethempeli likaSolomoni. (2 IziKr. 2:1, 3, 7-16) Ngaleso sikhathi, abaseThire babona ama-Israyeli enobuhlobo obuhle noJehova futhi ewabusisa. (1 AmaKh. 3:10-12; 10:4-9) Cabanga ngethuba izinkulungwane zaseThire ezazinalo lokufunda indlela emsulwa yokukhonza uJehova, lokumazi nelokuzibonela izinzuzo eziba khona lapho abantu bekhonza uNkulunkulu weqiniso!

20 Nokho, naphezu kokuba benalo lelo thuba, abantu baseThire babephila ukuphila okuphezulu bethanda izinto ezibonakalayo. Abazange balandele isibonelo sedolobha laseKhanani iGibheyoni, abantu bakhona ababa izinceku zikaNkulunkulu ngokuzwa ngemisebenzi kaJehova emikhulu. (Josh. 9:2, 3, 22–10:2) Empeleni, abantu baseThire bagcina sebebaphikisa abantu bakaNkulunkulu baze babathengisa ukuba babe izigqila.—IHu. 83:2, 7; Joweli 3:4, 6; Amose 1:9.

Asifuni nanini ukubheka izinto ezibonakalayo njengeziwudonga oluyisivikelo

21, 22. Yini eyenzeka edolobheni laseThire, futhi kungani?

21 Esebenzisa uHezekeli, uJehova wathi kulabo baphikisi: “Bheka ngimelene nawe Thire, ngizokwenza izizwe eziningi zimelane nawe, njengoba nje ulwandle lwenyusa amagagasi alo. Ziyobhidliza izindonga zaseThire zidilize imibhoshongo yalo, ngiyophala inhlabathi ngilenze libe idwala elicwebezelayo elingenalutho.” (Hez. 26:1-5) Ukuze abantu baseThire bathole isivikelo, bathembela engcebweni yabo becabanga ukuthi iyobavikela njengezindonga ezazizungeze lelo dolobha eliyisiqhingi, ezaziphakeme ngamamitha angu-46. Kwakuyoba ngcono ukube babelalele isixwayiso sikaSolomoni esithi: “Ingcebo yomuntu ocebile yidolobha lakhe elinezivikelo eziqinile; engqondweni yakhe ifana nodonga oluvikelayo.”—IzAga 18:11.

22 Lapho abaseBhabhiloni, kamuva namaGreki, begcwalisa isiprofetho sikaHezekeli, abantu baseThire bathola ukuthi ukuvikeleka ababecabanga ukuthi banakho ngenxa yengcebo yedolobha labo nangenxa yezindonga zalo, kwakuyiphupho nje. Ngemva kokubhubhisa iJerusalema, abaseBhabhiloni baqala umkhankaso wokulwa neThire owathatha iminyaka engu-13. (Hez. 29:17, 18) Kwathi ngo-332 B.C.E., u-Alexander Omkhulu wagcwalisa ingxenye ephawulekayo yeziprofetho ezashiwo uHezekeli. * Ibutho lakhe lagugula amanxiwa edolobha laseThire, lalahla amatshe, izingodo nenhlabathi emanzini, okwakha indlela eya edolobheni eliyisiqhingi. (Hez. 26:4, 12) U-Alexander wabhidliza izindonga wathatha impahla yedolobha, wabulala izinkulungwane zamasosha nezakhamuzi futhi wathengisa amashumi ezinkulungwane nangaphezulu ukuba abe izigqila. Abantu baseThire baphoqeleka ukuba bazi ngoJehova lapho befunda kanzima ukuthi ‘ingcebo eningi’ ayikulethi ukuvikeleka phakade.—Hez. 27:33, 34.

Nakuba lalibukeka livikelekile, iThire labhujiswa njengoba nje uHezekeli abikezela (Bheka isigaba 22)

23. Yisiphi isifundo esingasifunda kubantu baseThire?

23 Yisiphi isifundo esingasifunda kubantu baseThire? Asifuni nanini ukuvumela “amandla engcebo akhohlisayo” ukuba asenze sithembele ezintweni ezibonakalayo, sizibheke njengeziwudonga oluyisivikelo. (Math. 13:22) Asikwazi “ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Funda uMathewu 6:24.) Labo abavikeleke ngempela yilabo abakhonza uJehova ngomphefumulo wonke. (Math. 6:31-33; Joh. 10:27-29) Iziprofetho eziphathelene nokuphela kwalesi simiso ziyogcwaliseka nakanjani, njengoba nje neziprofetho eziphathelene neThire zagcwaliseka. Ngaleso sikhathi, labo abathembela engcebweni bayophoqeleka ukuba bamazi uJehova lapho ebhubhisa ezentengiselwano zaleli zwe ezinobugovu ezizicabangela zona.

Umbuso Wezwe ‘Owawuwumhlanga’

24-26. (a) Kungani uJehova athi iGibhithe ‘liwumhlanga’? (b) INkosi uZedekiya ayizinakanga ngayiphi indlela iziqondiso zikaJehova, futhi kwaba namuphi umphumela?

24 Kusukela ngaphambi kwezinsuku zikaJosefa kuye esikhathini lapho abaseBhabhiloni behlasela iJerusalema, iGibhithe laliwumbuso onethonya esifundeni seZwe Lesithembiso. Kungenzeka umlando walo omude walenza labonakala sengathi lizinzile njengesihlahla esidala. Kodwa lapho liqhathaniswa noJehova, iGibhithe lalintekenteke, lifana ‘nomhlanga.’—Hez. 29:6.

25 Inkosi eyisihlubuki uZedekiya ayizange ikubone lokho ngeGibhithe. Esebenzisa umprofethi uJeremiya, uJehova wayenxuse uZedekiya ukuba azithobe enkosini yaseBhabhiloni. (Jer. 27:12) UZedekiya waze wafunga egameni likaJehova ukuthi wayengeke amvukele uNebukhadinezari. Kodwa akasinakanga isiqondiso sikaJehova, waphula isivumelwano ayesenze noNebukhadinezari, wacela iGibhithe ukuba limsize lapho elwa nabaseBhabhiloni. (2 IziKr. 36:13; Hez. 17:12-20) Nokho, ama-Israyeli ancika osizweni laseGibhithe azilimaza kakhulu. (Hez. 29:7) Kungenzeka ukuthi iGibhithe lalibukeka lesabeka ‘njengesilwane esikhulu sasolwandle.’ (Hez. 29:3, 4) Kodwa uJehova wathi wayezokwenza kulo lokho abazingeli ababamba izingwenya eNayile ababekwenza—wayezofaka amahhuku emihlathini yalo, aliyise ekubhujisweni. Wakwenza lokho lapho ethumela abaseBhabhiloni ukuba bayonqoba lelo zwe lasendulo.—Hez. 29:9-12, 19.

26 Kwenzekani ngoZedekiya ongathembekile? Ngenxa yokuthi lesi ‘sikhulu esikhohlakele’ sahlubuka uJehova, uHezekeli wabikezela ukuthi sasiyophucwa umqhele waso, ukubusa kwaso kuphele. Kodwa uHezekeli waphinde wabikezela umyalezo onikeza ithemba. (Hez. 21:25-27) UJehova wamtshela ukuba abikezele ukuthi kwakuyoba nenkosi evela ozalweni lwasebukhosini ‘eyayinelungelo elingokomthetho,’ eyayizobusa. Esahlukweni esilandelayo sale ncwadi sizobona ukuthi ubani owaba yileyo nkosi.

27. Singafundani endleleni u-Israyeli asebenzelana ngayo neGibhithe?

27 Yisiphi isifundo esingasifunda ekusebenzelaneni kuka-Israyeli neGibhithe? Abantu bakaJehova namuhla kudingeka bangathembeli kwezepolitiki, becabanga ukuthi zizobanikeza isivikelo esihlala njalo. Kufanele sihlale ‘singeyona ingxenye yezwe,’ ngisho emicabangweni yethu. (Joh. 15:19; Jak. 4:4) Ezepolitiki zingase zibonakale zizinzile, kodwa njengeGibhithe lasendulo zintekenteke njengomhlanga. Yeka ukuthi kungaba ubuwula kanjani ukubeka ithemba lethu kubantu abafayo kunokulibeka kuMbusi onamandla wamazulu nomhlaba!—Funda iHubo 146:3-6.

Ngisho noma sisodwa akumelwe sithathe uhlangothi kwezepolitiki zaleli zwe (Bheka isigaba 27)

Izizwe ‘Ziyokwazi’

28-30. Uyini umehluko endleleni izizwe ‘eziyomazi’ ngayo uJehova nasendleleni thina esimazi ngayo?

28 Encwadini kaHezekeli uJehova usho kaningi ukuthi, izizwe ‘ziyokwazi ukuthi nginguJehova.’ (Hez. 25:17) Lawo mazwi agcwaliseka ngempela ezikhathini zasendulo lapho uJehova ahlulela izitha zabantu bakhe. Kodwa azogcwaliseka ngezinga elikhulu osukwini lwethu. Kanjani?

29 Njengabantu bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo, nathi sizungezwe izizwe ezisibheka njengabangavikelekile njengemvu ehamba yodwa. (Hez. 38:10-13) Njengoba sizothola eZahlukweni 17 no-18 zale ncwadi, maduze izizwe zizohlasela abantu bakaNkulunkulu ngendlela enonya. Kodwa lapho zibahlasela zizofunda ukuthi ubani onamandla ngempela. Zizophoqeleka ukuba zimazi uJehova—ziqaphele ubukhosi bakhe—lapho ezibhubhisa empini ye-Armagedoni.—IsAm. 16:16; 19:17-21.

30 Kodwa thina uJehova uzosigcina siphephile futhi uzosibusisa. Kungani? Ngenxa yokuthi siye sabonisa ukuthi siyamazi ngokuthembela kuye, ngokumlalela nangokumkhonza ngendlela emsulwa, emfanele.—Funda uHezekeli 28:26.

^ par. 15 Ngokwesibonelo, amaFilisti awavumelanga muntu olungisa izinto zensimbi ukuba asebenze kwa-Israyeli. Ama-Israyeli kwakudingeka aye kumaFilisti ukuze alolelwe amathuluzi awo okulima, futhi ayekhokhiswa imali elingana nomholo wezinsuku eziningana.—1 Sam. 13:19-22.

^ par. 18 Kubonakala sengathi idolobha lokuqala laseThire lalakhiwe esiqhingini esinamadwala esasingekude nogu. Le ndawo yayisenyakatho yeNtaba iKarmeli, iqhele ngamakhilomitha angaba ngu-50 ukusuka kuyo. Kamuva kwakhiwa enye ingxenye yaleli dolobha kodwa eyayingasekho esiqhingini, isisezweni. Igama lesiHebheru laleli dolobha, elithi Sur, lisho “iDwala.”

^ par. 22 U-Isaya, uJeremiya, uJoweli, u-Amose noZakariya, nabo bazisho iziprofetho ezimelene neThire futhi ezagcwaliseka ngendlela abazisho ngayo.—Isaya 23:1-8; Jer. 25:15, 22, 27; Joweli 3:4; Amose 1:10; Zak. 9:3, 4.