Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 8

“Ngiyomisa Umalusi Oyedwa”

“Ngiyomisa Umalusi Oyedwa”

HEZEKELI 34:23

IPHUZU ELIYINHLOKO: Iziprofetho ezine eziphathelene noMesiya nokugcwaliseka kwazo kuKristu

1-3. Kungani uHezekeli ephatheke kabi, futhi yini uNkulunkulu amphefumulela ukuba ayibhale?

NGUNYAKA wesithupha uHezekeli edingisiwe. * Lo mprofethi uphatheke kabi ngenxa yendlela izwe lakubo elibuswa ngayo, izwe lakwaJuda. Ubabonile ababusi beshintshana ngokubusa.

2 UHezekeli wazalwa phakathi nokubusa kwenkosi ethembekile uJosiya. Kumelwe ukuba uHezekeli wajabula lapho ezwa ngomkhankaso uJosiya ayewenzile wokuqeda izithixo nokubuyisela indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu kwaJuda. (2 IziKr. 34:1-8) Kodwa ushintsho uJosiya ayelwenzile aluhlalanga isikhathi eside ngoba amakhosi abusa ngemva kwakhe aqhubeka nokukhonza izithombe. Akumangazi-ke ukuthi ngaphansi kokubusa kwalawo makhosi amabi, isizwe sabisha nakakhulu odakeni lokuziphatha okonakele futhi ubuhlobo baso noJehova balimala. Ingabe alisekho ithemba? Cha, lisekhona!

3 UJehova uphefumulela umprofethi wakhe othembekile ukuba abhale isiprofetho—sokuqala kweziningi—esimayelana noMesiya, uMbusi onguMalusi wesikhathi esizayo oyobuyisela indlela emsulwa yokukhonza uJehova, anakekele izimvu zikaJehova ngothando. Kuhle sicabangisise ngalezo ziprofetho ngoba ukugcwaliseka kwazo kuthinta ikusasa lethu laphakade. Ake sihlole iziprofetho ezine eziphathelene noMesiya ezitholakala encwadini kaHezekeli.

“Isithombo” Siba “Umsedari Omkhulu”

4. Yisiphi isiprofetho esashiwo uHezekeli, futhi uJehova wasethula kanjani leso siprofetho?

4 Cishe ngo-612 B.C.E., “izwi likaJehova” lafika kuHezekeli, washo isiprofetho esibonisa ubukhulu boMbuso kaMesiya nesidingo sokuthembela kuwo. UJehova wethula lesi siprofetho ngokuyala uHezekeli ukuba atshele labo ayethunjwe nabo isiphicaphicwano esasibonisa ukungathembeki kwamakhosi akwaJuda futhi saqokomisa isidingo sokuba noMbusi olungile onguMesiya.—Hez. 17:1, 2.

5. Sithini isiphicaphicwano?

5 Funda uHezekeli 17:3-10. Nasi isiphicaphicwano: “Ukhozi olukhulu” lunqampuna ingxenye engaphezulu yesihlahla somsedari luyibeke phansi “edolobheni labahwebi.” Lolu khozi lube seluthatha “enye yembewu yezwe” luyitshale ensimini evundile “ngasemanzini amaningi.” Le mbewu iyahluma ibe ‘isihlahla samagilebhisi esenabayo.’ Kube sekuqhamuka “ukhozi olukhulu” lwesibili. Izimpande zalesi sihlahla samagilebhisi ‘zenabela’ kulolu khozi lwesibili ngokukhulu ukushesha, zifuna ukususwa ziyotshalwa kwenye indawo enamanzi amaningi. UJehova akakuvumi okwenziwa yisihlahla samagilebhisi, uthi izimpande zaso ziyosishulwa “some ngokuphelele.”

6. Chaza incazelo yesiphicaphicwano.

6 Sasisho ukuthini lesi siphicaphicwano? (Funda uHezekeli 17:11-15.) Ngo-617 B.C.E., inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari (‘ewukhozi olukhulu’ lokuqala) yavimbezela iJerusalema. Yasusa inkosi yakwaJuda uJehoyakini (‘oyingxenye engaphezulu yesihlahla somsedari’) esihlalweni sayo sobukhosi yayiyisa eBhabhiloni (“idolobha labahwebi”). UNebukhadinezari wabeka uZedekiya (“enye yembewu yezwe” yasebukhosini) esihlalweni sobukhosi eJerusalema. Le nkosi entsha yakwaJuda yafungiswa igama likaNkulunkulu, yavuma ukuthi izozithoba ngobuqotho ngaphansi kweNkosi uNebukhadinezari. (2 IziKr. 36:13) Kodwa uZedekiya akasihloniphanga isifungo sakhe, wahlubuka eBhabhiloni wayofuna usizo lwezempi kuFaro waseGibhithe (‘owukhozi olukhulu’ lwesibili) kodwa akalutholanga. UJehova akakwamukelanga okwenziwa uZedekiya ongathembekile, owaphula isifungo ayesenzile. (Hez. 17:16-21) Ekugcineni uZedekiya wasuswa esihlalweni sakhe sobukhosi, wayesefela ejele laseBhabhiloni.—Jer. 52:6-11.

Ukhozi olukhulu lokuqala lwalumelela iNkosi uNebukhadinezari yaseBhabhiloni (Bheka isigaba 6)

7. Yiziphi izifundo esingazifunda kulesi siphicaphicwano esiyisiprofetho?

7 Yiziphi izifundo esingazifunda kulesi siphicaphicwano esiyisiprofetho? Esokuqala, njengoba sikhonza uJehova ngendlela emsulwa kudingeka sinamathele kwesikushoyo. UJesu wathi: “Izwi lenu ‘elinguYebo’ malisho uyebo, ‘uCha’ wenu asho ucha.” (Math. 5:37) Uma kudingeka sifunge phambi kukaNkulunkulu ukuthi sizokhuluma iqiniso—njengalapho sifakaza enkantolo—isifungo esinjalo sisibheka njengesibaluleke kakhulu. Esesibili, kumelwe siqaphe ukuthi ubani esimethembayo. IBhayibheli liyasixwayisa: “Ningabeki ithemba lenu ezikhulwini, noma endodaneni yomuntu, engenakukwazi ukusindisa.”—IHu. 146:3.

8-10. UJehova wamchaza kanjani uMbusi onguMesiya ozobusa esikhathini esizayo, futhi lesi siprofetho sigcwaliseka kanjani? (Bheka nebhokisi elithi, “Isiprofetho Esimayelana NoMesiya—Isihlahla Somsedari Esikhulu Ngokubabazekayo.”)

8 Nokho, ukhona umbusi esingamethemba ngokuphelele. Ngemva kokusho isiphicaphicwano esiyisiprofetho esiphathelene nokususwa kwengxenye yesihlahla iyotshalwa kwenye indawo, uJehova wasebenzisa sona lesi siphicaphicwano ukuze achaze uMbusi onguMesiya wesikhathi esizayo.

9 Lokho okushiwo isiprofetho. (Funda uHezekeli 17:22-24.) Manje akusezona izinkozi ezinkulu ezizothatha isinyathelo, sekunguJehova ngokwakhe. Uzonqampuna isithombo ‘engxenyeni ephezulu yesihlahla somsedari asitshale entabeni ende nephakeme.’ Lesi sithombo siyokhula sibe “umsedari omkhulu ngokubabazekayo,” ‘zonke izinhlobonhlobo zezinyoni zihlale kuwo.’ Khona-ke “zonke izihlahla zasendle” ziyokwazi ukuthi nguJehova uqobo lwakhe owenze lesi sihlahla esikhulu ngokubabazekayo sakhula.

10 Indlela esigcwaliseka ngayo lesi siprofetho. UJehova wasusa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, emndenini wamakhosi avela kuDavide (‘owumsedari ophakeme’) wayibeka eNtabeni yasezulwini iZiyoni (‘okuyintaba ende nephakeme’). (IHu. 2:6; Jer. 23:5; IsAm. 14:1) Ngakho, uJehova wathatha iNdodana yakhe eyayibhekwa izitha zayo ‘njengephansi kunabo bonke abantu’ wayiphakamisa ngokuyinika “isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise.” (Dan. 4:17; Luka 1:32, 33) Njengomsedari omkhulu ngokubabazekayo, iNkosi enguMesiya uJesu Kristu, iyobusa wonke umhlaba, ibanikeze izibusiso bonke abazithoba kuyo. Nangu-ke uMbusi ofanelwe ukuba simethembe. Ngaphansi komthunzi wokubusa koMbuso kaJesu, abantu abalalelayo emhlabeni wonke ‘bayohlala ngokulondeka, bangaphazanyiswa ukwesaba inhlekelele.’—IzAga 1:33.

11. Yisiphi isifundo esibalulekile esingasifunda esiprofethweni esimayelana ‘nesithombo esiba umsedari omkhulu ngokubabazekayo’?

11 Esikufundayo kulesi siprofetho. Lesi siprofetho esimnandi esimayelana ‘nesithombo’ esiba “umsedari omkhulu ngokubabazekayo,” sisisiza ukuba sikwazi ukuphendula umbuzo obaluleke kunayo yonke othi: Ubani esiyothembela kuye? Kuwubuwula ukuthembela kohulumeni babantu nasemandleni abo ezempi. Ukuze sithole ukulondeka kwangempela, siyobe sihlakaniphile uma sithembela eNkosini enguMesiya, uJesu Kristu. Uhulumeni wasezulwini awuqondisayo uwukuphela kwethemba lesintu.—IsAm. 11:15.

“Lowo Onelungelo Elingokomthetho”

12. UJehova wakwenza kanjani kwacaca ukuthi wayengasikhohliwe isivumelwano sakhe noDavide?

12 Ngokwendlela uNkulunkulu achaza ngayo isiprofetho esimayelana nezinkozi, uHezekeli waqonda ukuthi uZedekiya, inkosi engathembekile evela ozalweni lukaDavide, wayeyosuswa esihlalweni sobukhosi, ayiswe ekuthunjweni eBhabhiloni. Kungenzeka ukuthi lo mprofethi wazibuza, ‘Kuthiwani ngesivumelwano sikaNkulunkulu noDavide, esasithembise ukuthi inkosi evela emndenini kaDavide yayiyobusa kuze kube phakade?’ (2 Sam. 7:12, 16) Uma uHezekeli azibuza lowo mbuzo, akudingekanga alinde isikhathi eside ukuze athole impendulo. Cishe ngo-611 B.C.E., ngonyaka wesikhombisa wokuthunjwa kwamaJuda, ngesikhathi uZedekiya esabusa kwaJuda, ‘kwafika izwi likaJehova’ kuHezekeli. (Hez. 20:2) UJehova wathi makasho esinye isiprofetho esimayelana noMesiya esasiyokwenza kucace ukuthi uNkulunkulu wayengasikhohliwe isivumelwano ayesenze noDavide. Leso siprofetho sasibonisa ukuthi uMbusi onguMesiya owayezobusa esikhathini esizayo, wayeyoba nelungelo elingokomthetho lokubusa njengendlalifa kaDavide.

13, 14. Sithini isiprofetho esikuHezekeli 21:25-27, futhi sigcwaliseka kanjani?

13 Lokho okushiwo isiprofetho. (Funda uHezekeli 21:25-27.) UJehova esebenzisa uHezekeli, ukhuluma ngokuqondile nalesi “sikhulu sakwa-Israyeli esikhohlakele,” esesifikelwe isikhathi sokuba sijeziswe. UJehova utshela lo mbusi okhohlakele ukuthi wayezophucwa “umshuqulo” ‘nomqhele’ (okwakuyizinto ezazimelela ubukhosi bakhe). Ngemva kwalokho, imibuso ebusayo eyayikade ‘iphansi’ yayizophakanyiswa, eyayikade ‘iphakeme’ yehliswe. Imibuso eyayikade iphakanyisiwe yaqhubeka ibusa, kodwa yabusa kwaze kwaba yilapho ‘lowo onelungelo elingokomthetho efika,’ uJehova wayesewunika yena uMbuso.

14 Indlela esigcwaliseka ngayo lesi siprofetho. Ngo-607 B.C.E., lapho kubhujiswa iJerusalema, umbuso wakwaJuda “ophakeme” owawuseJerusalema, wehliswa lapho abaseBhabhiloni belibhubhisa lelo dolobha futhi bethumba iNkosi uZedekiya eyayisisusiwe esihlalweni sayo sobukhosi. Manje njengoba kwakungasekho nkosi evela emndenini kaDavide ebusa eJerusalema, imibuso yabeZizwe ‘ephansi’ yaphakanyiswa kwaba iyona ebusa umhlaba—kodwa okwesikhashana. IZikhathi Zabezizwe, noma “izikhathi ezimisiwe zezizwe” zaphela ngo-1914 lapho uJehova enika uJesu Kristu ubukhosi. (Luka 21:24) Njengoba ayevela ozalweni lweNkosi uDavide, ngempela uJesu ‘wayenelungelo elingokomthetho’ lokuba uMbuso kaMesiya kube owakhe. * (Gen. 49:10) Ngenxa yalokho, ngoJesu, uJehova wagcwalisa isithembiso ayesenze kuDavide sokuthi uyomnika indlalifa yoMbuso oyohlala kuze kube phakade.—Luka 1:32, 33.

UJesu unelungelo elingokomthetho lokuba iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu (Bheka isigaba 15)

15. Kungani singayethemba ngokuphelele iNkosi uJesu Kristu?

15 Esikufundayo kulesi siprofetho. Singayithemba ngokuphelele iNkosi uJesu Kristu. Kungani? Kungenxa yokuthi, ngokungafani nababusi bezwe abangase bakhethwe abantu noma basuse umuntu obusayo, uJesu yena wakhethwa uJehova ‘wamnika umbuso’ wamnika nelungelo elingokomthetho lokuwubusa. (Dan. 7:13, 14) Ngempela, le Nkosi ekhethwe uJehova uqobo lwakhe ifanelwe ukuba siyethembe!

“Inceku Yami UDavide” Iyoba “Umalusi Wazo”

16. UJehova uzizwa kanjani ngezimvu zakhe, futhi “abelusi bakwa-Israyeli” ngesikhathi sikaHezekeli babewuphatha kanjani umhlambi?

16 UJehova, uMalusi Omkhulu Kunabo Bonke, uyakhathazeka ngenhlalakahle yezimvu zakhe—okungabantu abamkhonzayo emhlabeni. (IHu. 100:3) Lapho ephathisa abelusi abangabantu—ababeke ezikhundleni zokuba negunya—ukuba banakekele izimvu zakhe, uyayibhekisisa indlela abaziphatha ngayo. Cabanga-ke indlela okumelwe ukuba uJehova wazizwa ngayo “ngabelusi bakwa-Israyeli” bangesikhathi sikaHezekeli. Labo baholi babengenamahloni okubusa “ngonya nangokhahlo.” Ngenxa yalokho, umhlambi walimala, abaningi bayeka ukukhonza uJehova ngendlela emsulwa.—Hez. 34:1-6.

17. UJehova wazisindisa kanjani izimvu zakhe?

17 Wayezokwenzani ngalokho uJehova? Wathi kubabusi bakwa-Israyeli abanonya, ‘Ngizonenza nilandise.’ Wabe esethembisa: “Izimvu zami ngizozisindisa.” (Hez. 34:10) UJehova uhlale ekwenza akushilo. (Josh. 21:45) Ngo-607 B.C.E., wasindisa izimvu zakhe ngokusebenzisa abaseBhabhiloni ukuba baphuce abelusi abangamagovu ilungelo lokubusa. Ngemva kweminyaka engu-70, wasindisa abantu abamkhonzayo abanjengezimvu eBhabhiloni, wababuyisela ezweni labo ukuze baphinde bamkhonze ngeqiniso. Kodwa izimvu zikaJehova zaqhubeka zingavikelekile ngoba zazisabuswa imibuso yabantu. “Izikhathi ezimisiwe zezizwe” zaziyoqhubeka iminyaka engamakhulu amaningi.—Luka 21:24

18, 19. Yisiphi isiprofetho uHezekeli asisho ngo-606 B.C.E.? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

18 Emuva ngo-606 B.C.E., cishe ngemva konyaka iJerusalema libhujisiwe kodwa kusasele amashumi eminyaka ngaphambi kokuba ama-Israyeli akhululwe ekuthunjweni eBhabhiloni, uJehova waphefumulela uHezekeli ukuba asho isiprofetho esibonisa ukuthi uMalusi Omkhulu Kunabo Bonke unendaba ngempela nenhlalakahle yaphakade yezimvu zakhe. Lesi siprofetho sichaza indlela uMbusi onguMesiya ayozalusa ngayo izimvu zikaJehova.

19 Lokho okushiwo isiprofetho. (Funda uHezekeli 34:22-24.) UNkulunkulu ‘uyomisa umalusi oyedwa,’ ambiza ngokuthi “inceku yami uDavide.” Amagama athi “umalusi oyedwa” kanye negama elithi “inceku” elisebunyeni asho ukuthi lo Mbusi ngeke enze kuphinde kube namakhosi asohlwini lukaDavide kodwa uyoba indlalifa kaDavide eyolokhu ikhona. Lo Mbusi onguMalusi uyokondla izimvu zikaNkulunkulu abe “isikhulu phakathi kwazo.” UJehova uyokwenza “isivumelwano sokuthula” nezimvu zakhe. ‘Izibusiso ziyokwehlela kuzo njengemvula,’ ziyolondeka zichume. Ukuthula ngeke kugcine phakathi kwabantu bodwa, kodwa kuyoba nokuthula naphakathi kwabantu nezilwane!—Hez. 34:25-28.

20, 21. (a) Sigcwaliseka kanjani isiprofetho esimayelana ‘nenceku yami uDavide’? (b) Amazwi kaHezekeli akhuluma ‘ngesivumelwano sokuthula’ asitshelani ngekusasa?

20 Indlela esigcwaliseka ngayo lesi siprofetho. Ngokubiza lo Mbusi ngokuthi “inceku yami uDavide,” uNkulunkulu wayebonisa ngendlela eyisiprofetho ukuthi uJesu, ongowozalo lukaDavide, wayenelungelo elingokomthetho lokubusa. (IHu. 89:35, 36) Lapho uJesu esemhlabeni, wazibonisa ‘engumalusi omuhle,’ wanikela ngokuphila kwakhe “ngenxa yezimvu.” (Joh. 10:14, 15) Kodwa manje unguMalusi osezulwini. (Heb. 13:20) Ngo-1914, uNkulunkulu wabeka uJesu waba iNkosi, wamphathisa umsebenzi wokwalusa nokondla izimvu zaKhe emhlabeni. Ngemva nje kwalokho, ngo-1919, le Nkosi eyayisanda kubekwa esihlalweni yamisa “inceku ethembekile neqondayo” ukuba yondle “abendlu”—okuyizikhonzi zikaNkulunkulu ezithembekile ezinethemba lokuphila ezulwini noma emhlabeni. (Math. 24:45-47) Iqondiswa uKristu, inceku ethembekile ibilokhu iqhubeka yondla izimvu zikaNkulunkulu ngokudla okuqinisa ubuhlobo bazo noNkulunkulu. Lokhu kudla kuye kwazisiza ukuba ziqhubeke zikhuthaza futhi zilondoloza ukuthula ezinakho noJehova nomunye nomunye.

21 Amazwi kaHezekeli amayelana ‘nesivumelwano sokuthula’ nezibusiso eziyokwehla njengemvula, asitshelani ngesikhathi esizayo? Ezweni elisha elizayo, labo abayobe bekhonza uJehova ngendlela emsulwa emhlabeni bayothola izibusiso ezilethwa “isivumelwano sokuthula.” Epharadesi eliyobe selisemhlabeni wonke, abantu abathembekile ngeke baphinde besabe izimpi, ubugebengu, indlala, ukugula noma izilwane zasendle. (Isaya 11:6-9; 35:5, 6; 65:21-23) Awujabuli yini ngethuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi lapho izimvu zikaNkulunkulu “ziyohlala ngokulondeka, kungekho muntu oyozenza zesabe”?—Hez. 34:28.

NjengoMalusi osezulwini, uJesu uyabheka ukuthi izimvu zikaNkulunkulu ziphathwa kanjani (Bheka isigaba 22)

22. UJesu uzizwa kanjani ngezimvu, futhi labo ababekwe ukuba babe abelusi bangabonisa kanjani ukuthi nabo bazizwa ngendlela efanayo?

22 Esikufundayo kulesi siprofetho. UJesu, njengoYise, uzikhathalela kakhulu izimvu. Lo Malusi oyiNkosi uyaqiniseka ukuthi izimvu zikaNkulunkulu zondleka kahle nokuthi ziyaqhubeka zinokuthula noNkulunkulu naphakathi kwazo futhi zizizwa zilondekile. Ave kududuza ukunakekelwa uMbusi onjalo! Labo abanikezwe umsebenzi wokuba abelusi kufanele balingise uJesu, bazikhathalele izimvu. Abadala kufanele baluse umhlambi “ngokuzithandela” ‘nangokulangazela’ futhi babe izibonelo izimvu ezingazilingisa. (1 Pet. 5:2, 3) Umdala akumelwe nanini aphathe kabi ngisho neyodwa yezimvu zikaNkulunkulu! Khumbula amazwi uJehova awasho ngabelusi abanonya bakwa-Israyeli ngesikhathi sikaHezekeli: “Ngizobenza balandise.” (Hez. 34:10) UMalusi Omkhulu Kunabo Bonke neNdodana yakhe bahlale begadile ukuthi izimvu ziphathwa kanjani.

“UDavide Inceku Yami Uyoba Isikhulu Sabo Kuze Kube Phakade”

23. Yisiphi isithembiso uJehova asisho mayelana nokwenza isizwe sakwa-Israyeli sibe nobunye, futhi wasigcwalisa kanjani?

23 UJehova ufuna abantu bakhe bamkhonze ndawonye ngobunye. Esiprofethweni esimayelana nokubuyiselwa kobunye phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli, uNkulunkulu wathembisa ukuthi wayezoqoqela abantu bakhe ndawonye—abavela embusweni wakwaJuda wezizwe ezimbili nabavela embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi—abahlanganise babe “isizwe esisodwa,” njengokungathi wenza “izinduku” ezimbili “zibe induku eyodwa” esandleni sakhe. (Hez. 37:15-23) Lapho lesi siprofetho sigcwaliseka, uNkulunkulu wabuyisela isizwe sakwa-Israyeli esinobunye eZweni Lesithembiso ngo-537 B.C.E. * Kodwa lobo bunye babumane buyisibonelo sobunye obusezingeni elikhulu nakakhulu nobuyohlala njalo obabusazoba khona. Ngemva kokuthembisa ukuthi wayezokwenza u-Israyeli abe nobunye, uJehova watshela uHezekeli isiprofetho esimayelana nokuthi uMbusi wesikhathi esizayo uyobaqoqela kanjani ndawonye abantu abakhonza uJehova ngendlela efanele, abenze babe nobunye obuyohlala phakade emhlabeni wonke.

24. UJehova umchaza kanjani uMbusi onguMesiya, futhi leyo Nkosi iyobusa kanjani?

24 Lokho okushiwo isiprofetho. (Funda uHezekeli 37:24-28.) UJehova uphinde abize uMbusi onguMesiya ngokuthi “inceku yami uDavide,” ‘umalusi oyedwa,’ nangokuthi “isikhulu,” kodwa manje usebiza lo oThenjisiwe nangokuthi “inkosi.” (Hez. 37:22) Le Nkosi iyobusa kanjani? Iyobusa phakade. Ukusetshenziswa kwegama elithi “phakade” kusitshela ukuthi ngeke ziphele izibusiso zokubusa kwale Nkosi. * Kuyoba nobunye lapho isibusa. Lapho sebebuswa yile “nkosi eyodwa,” abahlala lapho bayolalela ‘izinqumo zokwahlulela’ ezifanayo futhi ‘bahlale ezweni’ ndawonye. Ukubusa kwaleyo Nkosi kuyokwenza abantu basondele nakakhulu kuJehova uNkulunkulu. UJehova uyokwenza “isivumelwano sokuthula” nalabo bantu. Uyoba uNkulunkulu wabo, bona babe abantu bakhe. Indlu yakhe engcwele iyoba “phakathi kwabo kuze kube phakade.”

25. Sigcwaliseka kanjani isiprofetho esimayelana neNkosi enguMesiya?

25 Indlela esigcwaliseka ngayo lesi siprofetho. Ngo-1919, abagcotshiwe abathembekile baqoqelwa ndawonye ngaphansi ‘kukamalusi oyedwa’ iNkosi enguMesiya, uJesu Kristu. Kamuva, “isixuku esikhulu” esiphuma “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi” saba nobunye namakholwa agcotshiwe. (IsAm. 7:9) Manje ‘sebemhlambi munye’ ngaphansi ‘kukamalusi’ oyedwa. (Joh. 10:16) Kungakhathaliseki ukuthi banethemba lokuphila ezulwini noma emhlabeni, bonke balalela izinqumo zikaJehova zokwahlulela. Ngenxa yalokho, banokuthula noJehova futhi banokuthula nomunye nomunye emhlabeni wonke. UJehova ubabusise ngokuthula futhi indlu yakhe engcwele iphakathi kwabo, okusho ukuthi bamkhonza ngendlela emsulwa. UJehova unguNkulunkulu wabo, futhi bayaziqhenya ngokuba izikhonzi zakhe—manje naphakade!

26. Ungaba kanjani nesandla kulobu bunye esibujabulelayo manje?

26 Esikufundayo kulesi siprofetho. Sinelungelo lokuba nobunye nabazalwane abasemhlabeni wonke, abakhonza uJehova ngendlela emsulwa. Kodwa kukhona okuthile nathi okumelwe sikwenze—kumelwe sibe nesandla ekuthuthukiseni lobo bunye. Ngenxa yalokho, sonke kufanele sifeze indima yethu ukuze siqhubeke sinobunye ezintweni esizikholelwayo nakulokho esikwenzayo. (1 Kor. 1:10) Yingakho sizondla ngenkuthalo ngokudla okufanayo okuqinisa ubuhlobo bethu noJehova, silandela imithetho efanayo yokuziphatha esemiBhalweni, senza umsebenzi ofanayo wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi. Nokho, uthando yilona olusenza sibe nobunye. Njengoba silwela ukuba nothando ngezindlela ezihlukahlukene—okuhlanganisa ukuzwelana nabanye nokubathethelela—siba nesandla ekwakheni ubunye bethu. IBhayibheli lithi, ‘Uthando lwenza abantu babe nobunye ngokuphelele.’—Kol. 3:12-14; 1 Kor. 13:4-7.

UJehova uyabubusisa ubunye bezikhonzi zakhe ezinothando emhlabeni wonke (Bheka isigaba 26)

27. (a) Uzizwa kanjani ngeziprofetho eziphathelene noMesiya ezisencwadini kaHezekeli? (b) Yini esizoyihlola ezihlokweni ezilandelayo?

27 Asive sibonga ngokuthi kuneziprofetho ezimayelana noMesiya ezisencwadini kaHezekeli! Ukufunda nokuzindla ngalezo ziprofetho kusifundisa ukuthi iNkosi yethu esiyithandayo, uJesu Kristu, kufanele siyethembe, inelungelo lokubusa, iselusa ngothando futhi iyosigcina sinobunye obuyohlala phakade. Asive sijabula ngokuthi sibuswa iNkosi enguMesiya! Masikhumbule ukuthi lezi ziprofetho ezimayelana noMesiya ziyingxenye yesihloko esikhuluma ngokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu okukhulunywa ngaso encwadini kaHezekeli. UJehova usebenzisa uJesu ukuze aqoqe abantu baKhe abenze baphinde bamkhonze ngendlela emsulwa. (Hez. 20:41) Ezahlukweni ezilandelayo zale ncwadi, sizohlola leso sihloko esijabulisayo sokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu nokuthi sichazwe kanjani encwadini kaHezekeli.

^ par. 1 Unyaka wokuqala wokudingiswa kwamaJuda waqala ngo-617 B.C.E. lapho izithunjwa zokuqala zithathwa ziyiswa eBhabhiloni. Ngakho, unyaka wesithupha waqala ngo-612 B.C.E.

^ par. 14 Uhlu lozalo lukaJesu olusuka kuDavide lubhalwe lwacaca emaVangelini aphefumulelwe.—Math. 1:1-16; Luka 3:23-31.

^ par. 23 ESahlukweni 12 sale ncwadi sizoxoxa ngesiprofetho sikaHezekeli esimayelana nezinduku ezimbili nokuthi sagcwaliseka kanjani.

^ par. 24 Enye incwadi iphawula lokhu mayelana negama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “phakade”: “Ngaphandle nje kokuveza umqondo wento ehlala isikhathi eside, leli gama liphinde liveze nomqondo wento engagugi, engenakonakaliswa nengenakushintshwa.”