Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 1A

Kuyini Ukukhonza?

Kuyini Ukukhonza?

Ukukhonza kungachazwa ngokuthi “isenzo sokubonisa inhlonipho nothando ngokuthile.” EBhayibhelini, amagama olimi lokuqala ahunyushwe ngokuthi “ukukhonza” angase adlulisele umqondo womuntu obonisa inhlonipho ejulile ezintweni ezidaliwe noma ozithoba kuzo. (Math. 28:9) Lawo magama angase aphinde achaze isenzo esingokwenkolo esenzelwa uNkulunkulu noma izithixo. (Joh. 4:23, 24) Umongo wendaba yiwona onqumayo ukuthi la magama kumelwe aqondwe kanjani.

NguJehova kuphela, uMdali noMbusi Wendawo Yonke, okufanele sizinikele kuye ngokuphelele. (IsAm. 4:10, 11) UJehova simkhonza ngokubonisa inhlonipho ngobukhosi bakhe nangokudumisa igama lakhe. (IHu. 86:9; Math. 6:9, 10) Lezi zihloko ezimbili—ubukhosi bukaJehova negama lakhe—kukhulunywa ngazo kakhulu encwadini kaHezekeli. Inkulumo ethi ‘Nkosi EnguMbusi Jehova’ isetshenziswe izikhathi ezingu-217 encwadini kaHezekeli kuphela, kanti inkulumo ethi ‘-azi ukuthi nginguJehova’ isetshenziswe izikhathi ezingu-55.—Hez. 2:4; 6:7

Nokho, ukukhonza kwethu uNkulunkulu akuyona indaba yemizwa nje, kunalokho ukumkhonza ngendlela efanele kuhilela izenzo. (Jak. 2:26) Lapho sinikezela ukuphila kwethu kuJehova, sisuke sifunga ukuthi kukho konke ukuphila kwethu sizomlalela njengoMbusi wethu futhi sizolihlonipha ngokujulile igama lakhe. Khumbula impendulo kaJesu lapho elingwa okwesithathu, wahlobanisa ukukhonza ‘nenkonzo engcwele.’ (Math. 4:10) Njengezikhonzi zikaJehova sizimisele ukumkhonza. (Dut. 10:12) Sinikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu wethu lapho senza imisebenzi ehlobene nokumkhonza futhi edinga ukuba sizidele. Imiphi leyo misebenzi?

Inkonzo engcwele ihlukene ngezindlela eziningi, zonke ziyigugu kuJehova. Sisuke senza inkonzo engcwele lapho sishumayela kwabanye, siya emihlanganweni emaHholo OMbuso ethu nalapho sakha futhi sinakekela izakhiwo esihlangana kuzo. Ngaphezu kwalokho, sisuke sinikela inkonzo engcwele lapho senza ukukhulekela komkhaya, sisekela umsebenzi wokusiza esikholwa nabo abantulayo, sivolontiya emihlanganweni noma sikhonza eBethel. (Heb. 13:16; Jak. 1:27) Lapho ukukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa kuyinto ebaluleke kunazo zonke ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu, siyonikela “inkonzo engcwele kuye imini nobusuku.” Ukukhonza uJehova uNkulunkulu wethu kuyasijabulisa!—IsAm. 7:15.