Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 1B

Okuqukethwe Incwadi KaHezekeli

Okuqukethwe Incwadi KaHezekeli

Incwadi kaHezekeli ihlukaniswe ngale ndlela:

IZAHLUKO 1 KUYA KU-3

Ngo-613 B.C.E., lapho uHezekeli ehlala namaJuda ayedingiselwe eBhabhiloni, ubona imibono evela kuJehova futhi uyalwa ukuba aprofethe kumaJuda ahlala ngasemfuleni iKhebari.

IZAHLUKO 4 KUYA KU-24

Phakathi kuka-613 no-609 B.C.E., uHezekeli uprofetha ngokuphathelene nokwahlulelwa kweJerusalema nabantu balo abangamahlongandlebe abakhonza izithombe.

IZAHLUKO 25 KUYA KU-32

Kusukela ngo-609 B.C.E., unyaka okwaqala ngawo ukuvinjezelwa kokugcina kweJerusalema ngabaseBhabhiloni, umyalezo kaHezekeli wesahlulelo awusaqondisiwe eJerusalema kodwa ezizweni eziyizitha ezilizungezile —u-Amoni, u-Edomi, iGibhithe, uMowabi, iFilistiya, iSidoni neThire.

IZAHLUKO 33 KUYA KU-48

Kusukela ngo-606 B.C.E., lapho iJerusalema nethempeli lalo okwakuqhele ngamakhilomitha amaningi ukusuka eBhabhiloni sekungamanxiwa, uHezekeli ugxila emyalezweni wethemba—ukubuyiselwa okujabulisayo kwendlela emsulwa yokukhonza uJehova uNkulunkulu.

Incwadi kaHezekeli ihlelwe ngokwendlela izenzakalo nezihloko ezilandelana ngayo. Kuqala iziprofetho eziphathele nokubhujiswa kweJerusalema nethempeli lalo, bese kulandela iziprofetho eziphathelene nokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu. Kunengqondo lokho ngoba iziprofetho eziphathelene nokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu zisho ukuthi abantu base beyekile ukukhonza uNkulunkulu ethempelini.

Ngaphezu kwalokho, iziprofetho zikaHezekeli eziphathelene nokwahlulelwa kwezizwe eziyizitha ezizungeze u-Israyeli (izahluko 25 kuya ku-32) zibekwe phakathi kwemiyalezo yokwahlulelwa kweJerusalema neziprofetho eziphathelene nokubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu. Esinye isazi sasho lokhu lapho siphawula ngemiyalezo kaHezekeli yesahlulelo eqondiswe kulezi zizwe: “Kuyafaneleka ukuba le miyalezo ibe ngemva kwesimemezelo solaka lukaNkulunkulu kubantu bakhe, kodwa ngaphambi kwesimemezelo sesihe saKhe kubo ngoba ukujeziswa kwalezi zizwe nakho kuyingxenye yendlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu baKhe.”

Buyela esahlukweni 1, isigaba 18