Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 4A

“Ngangibuka Lezi Zidalwa Eziphilayo”

“Ngangibuka Lezi Zidalwa Eziphilayo”

Ngokungangabazeki uHezekeli wayezibonile izizemazema zezithombe zezinkunzi ezinamaphiko nezamabhubesi anamakhanda abantu ezazimi ngaphambi kwezigodlo namathempeli, ziwagadile. Izithombe ezinjalo zazitholakala kulo lonke elase-Asiriya naseBhabhiloni lasendulo. Njengabanye ababezibona, kumelwe ukuba wayemangala lapho ebuka lezi zilwane ezisabisayo, ezinye ezazicishe zibe amamitha ayisithupha ukuphakama. Noma kunjalo, nakuba zazibukeka zinamandla lezi zilwane, zazingaphili, zaziqoshwe etsheni.

Ngokungafani nalezo zilwane, izidalwa ezine uHezekeli azibona embonweni ‘zaziyizidalwa eziphilayo.’ Yeka umehluko ophawulekayo! Lokho akubona uHezekeli kwamthinta kangangokuba washo amazwi athi “izidalwa eziphilayo” izikhathi ezingu-11 esethulweni sesiprofetho sakhe. (Hez. 1:5-22) Umbono wezidalwa ezine eziphilayo ezihambisanayo ngaphansi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu kumelwe ukuba waqinisekisa uHezekeli ukuthi uJehova uyena olawula indalo yonke. Namuhla, lo mbono uyasiqinisekisa nathi ngobukhulu namandla kaJehova nangokukhazimula kobukhosi bakhe.—1 IziKr. 29:11.