Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHOKISI LOKUFUNDISA 16A

Ingabe IJerusalema Lalifanekisela ELobukholwa?

Ingabe IJerusalema Lalifanekisela ELobukholwa?

Esikhathini esidlule, izincwadi zethu zazithi iJerusalema eliyisihlubuki lifuzisela eLobukholwa. Izimo ezaziseJerusalema elingathembekile—ezihlanganisa ukukhonza izithombe nokukhohlakala kwalo okwakugcwele yonke indawo—ngempela zisikhumbuza okwenzeka kweLobukholwa. Nokho, eminyakeni yamuva izincwadi zethu, kuhlanganise nale oyifundayo, azisakhulumi ngokuthi iziprofetho zifanekisela okuthile noma zifanekiselwa okuthile, ngaphandle kwalapho iBhayibheli lisinikeza izizathu ezicacile zokusho kanjalo. Ingabe sikhona isizathu esingokomBhalo sokuthi iJerusalema lalifanekisela eLobukholwa? Cha.

Cabanga ngalokhu okulandelayo: IJerusalema lalike laba indawo okukhonzelwa kuyo uNkulunkulu ngendlela emsulwa; kamuva abantu bakhona baba izihlubuki. Ngakolunye uhlangothi, eLobukholwa lona alikaze likhonze uNkulunkulu ngendlela emsulwa. Kusukela laba khona ngekhulu lesine C.E., eLobukholwa belilokhu lifundisa izimfundiso zamanga.

Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuba iJerusalema libhujiswe abaseBhabhiloni, uJehova waphinde walamukela, laphinde laba yindawo akhonzwa kuyo ngendlela emsulwa. Ngakolunye uhlangothi, eLobukholwa alikaze lamukelwe uNkulunkulu, futhi lapho selibhujisiwe phakathi nosizi olukhulu, ngeke liphinde libe khona.

Ngenxa yalokhu, yini esingaphetha ngayo? Uma sihlola iziprofetho zeBhayibheli ezagcwaliseka eJerusalema elingathembekile, singase sithi, ‘Lokhu nalokhu kusikhumbuza esikubona kweLobukholwa namuhla.’ Kodwa kubonakala zingekho izizathu ezingokomBhalo zokuba sithi iJerusalema lalifanekisela eLobukholwa.