Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 4

ImiBhalo Yethulwe Kahle

ImiBhalo Yethulwe Kahle

Mathewu 22:41-45

OKUFANELE UKWENZE: Ngaphambi kokufunda umBhalo, siza izilaleli zakho zazi ukuthi uwufundelani.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Yazi ukuthi uwufundelani umBhalo. Yethula umBhalo ngendlela ezosiza izilaleli zakho zilithole iphuzu ofisa ukulicacisa ngalowo mBhalo.

  • Bonisa ukuthi lokho okushoyo kuvela eZwini likaNkulunkulu. Uma ukhuluma nabantu abakholelwa kuNkulunkulu, sebenzisa amazwi anjengokuthi ‘iZwi likaNkulunkulu,’ lapho ukhuluma ngeBhayibheli ukuze babone ukuthi linokuhlakanipha okuvela kuMuntu ophakeme kunabo bonke.

  • Yenza izilaleli zakho zithande ukuzwa ukuthi umBhalo uthini. Buza umbuzo ozowuphendula ngomBhalo, veza inkinga lelo vesi elizoyixazulula, noma uveze iphuzu elithile kulowo mBhalo elizosiza izilaleli zakho ziliqonde iphuzu okhuluma ngalo.