Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 5

Ukufunda Ngokunembile

Ukufunda Ngokunembile

1 Thimothewu 4:13

OKUFANELE UKWENZE: Kufunde njengoba kunjalo nangokuzwakalayo lokho okubhalwe phansi.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Lungiselela kahle. Cabanga ngokuthi kungani leyo ndaba yabhalwa. Prakthiza ukufunda iqoqo lamagama hhayi igama ngalinye. Qaphela ukuba lapho ufunda ungafaki igama elingekho noma weqe amagama. Hlonipha zonke izimpawu zenkulumo.

  • Phimisela kahle igama ngalinye. Uma ungazi ukuthi igama liphinyiselwa kanjani, hlola isichazamazwi noma ulalele leyo ncwadi uma irekhodiwe noma ucele umuntu ofunda kahle ukuba akusize.

  • Khuluma ngokucacile. Wabize kahle amagama, uphakamise ikhanda futhi uwuvule kakhulu umlomo. Zama ukuba unkamisa ngamunye uzwakale.