Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 12

Imfudumalo Nozwela

Imfudumalo Nozwela

1 Thesalonika 2:7, 8

OKUFANELE UKWENZE: Khuluma ngokusuka enhliziyweni, ubonise ukuthi unendaba nezilaleli zakho.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Cabanga ngezilaleli zakho. Khumbula izinkinga izilaleli zakho ezibhekene nazo ukuze ukwazi ukuzwelana nazo. Zama ukuzifaka ezicathulweni zazo.

  • Wakhethe kahle amagama ozowasebenzisa. Umgomo wakho kufanele kube ukuvuselela, ukududuza nokuqinisa izilaleli zakho. Gwema izinkulumo ezingase ziphoxe izilaleli, futhi ungakhulumi ngokunganaki ngabantu abangakholelwa kuJehova noma ngezinkolelo zabo.

  • Bonisa ukuthi unendaba nezilaleli zakho. Bonisa izilaleli zakho ukuthi unendaba nazo ngokukhuluma ngezwi elinomusa, nangendlela onyakazisa ngayo umzimba wakho. Yiqaphele nendlela onyakazisa ngayo ubuso; momotheka.