Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 15

Ukukhuluma Ngokuqiniseka

Ukukhuluma Ngokuqiniseka

1 Thesalonika 1:5

OKUFANELE UKWENZE: Bonisa ukuthi uyakholelwa ukuthi indaba okhuluma ngayo iyiqiniso futhi ibalulekile.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Lungiselela kahle. Tadisha indaba ozokhuluma ngayo uze uqonde ukuthi iBhayibheli liyisekela kanjani leyo ndaba. Zama ukuchaza amaphuzu ayinhloko ngamagama ambalwa futhi alula. Gxila endleleni izilaleli zakho ezingazuza ngayo. Thandazela umoya ongcwele.

  • Sebenzisa amagama abonisa ukuthi uyaqiniseka ngalokho okhuluma ngakho. Kunokuphinda amagama abhaliwe njengoba enjalo, beka indaba ngamazwi akho. Sebenzisa amagama abonisa ukuthi uyaqiniseka ngalokho okhuluma ngakho.

  • Veza imizwa yakho ngendlela eqotho nangokuzimisela. Khuluma ngezwi elizwakalayo. Buka izilaleli zakho emehlweni lapho ukhuluma nazo, uma lokho kwamukelekile kubantu okhuluma nabo.